UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isheduli 2

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isheduli 2: Izifungo Neziqinisekiso

[Isheduli yesi 2 ichibiyelwe yisigaba sesi 2 soMthetho Wokuqala Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1997 futhi indawo yayo ithathwe yisigaba se 18 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2001.]

1. Isifungo noma isiqinisekiso sikaMongameli neseBamba LikaMongameli
UMongameli noma iBamba LikaMongameli, kufanele afunge noma aqinisekise phambi kukaMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, noma ngaphambi kwejaji elinye elijutshwe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, ngendlela elandelayo:

Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle ukubaluleka kwesikhundla engibizelwe kuso njengoMongameli/njengeBamba LikaMongameli WeRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika, mina, A.B. ngiyafunga/ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika, futhi ngizothobela ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekile nangokuzinikela ngiyethembisa ukuthi ngiyohlala njalo –

  • ngiqhubekisela phambili konke okuzothuthukisa iRiphabhuliki; futhi ngiphikise konke okungayikhinyabeza;
  • ngivikela futhi ngiqhubekisela phambili amalungelo abo bonke abantu baseNingizimu Afrika;
  • ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla namakhono ami ngokwazi kwami okuphelele nekhono lokwenza futhi ngilandela iziyalo zikanembeza wami;
  • ngenza ubulungisa kubo bonke; futhi
  • ngizinikezela kunhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo.


(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize.)

2. Isifungo noma isiqinisekiso sePhini LikaMongameli
IPhini LikaMongameli, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kukaMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo noma kwelinye ijaji elijutshwe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo ngendlela elandelayo:

Phambi kwabo bonke abantu ababuthene lapha, futhi ngicacelwa kahle ukubaluleka kwesikhundla engibizelwe kuso njengePhini LikaMongameli eRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika, mina, A.B., ngiyafunga/ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, futhi ngizothobela, ngilandele, ngiphakamise futhi ngigcine uMthethosisekelo nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngokuqinisekile nangokuzinikela ngiyethembisa ukuthi ngiyohlala njalo –

  • ngiqhubekisela phambili lokho okuzothuthukisa, futhi ngiphikisa konke okungayikhinyabeza;
  • ngingumeluleki weqiniso nowethembekile;
  • ngenza imisebenzi yami ngawo wonke amandla namakhono ami ngokwazi kwami okuphelele nekhono lokwenza futhi ngilandela iziyalo zikanembeza wami;
  • ngenza ubulungisa kubo bonke; futhi
  • ngizinikezela kunhlalakahle yeRiphabhuliki nabo bonke abantu bayo.


(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize.)

3. Isifungo noma isiqinisekiso soNgqongqoshe kanye namaPhini Ongqongqoshe
UNgqongqoshe ngamunye nePhini Likangqongqoshe ngalinye kufanele afunge aqinisekise, phambi kukaMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, ngendlela elandelayo:

Mina, A.B., ngiyafunga/ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo nayo yonke imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngethembisa ukuphatha isikhundla sami njengoNgqongqoshe/njengePhini LikaNgqongqoshe ngokuhlonipheka nangesithunzi; ukuba ngumeluleki weqiniso nowethembekile; ukungedlulisi ngendlela eqondile noma ecashile noma yiluphi udaba oluyimfihlo engethenjwe ngalo; kanye nokwenza imisebenzi yesikhundla sami ngokuzinikela kanye nangawo wonke amandla enginawo.

(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize.)

4. Isifungo noma isiqinisekiso samalungu esiGungu Sikazwelonke, izithunywa ezisezikhundleni unomphela zoMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke namalungu ezishayamthetho zezifundazwe
1. Amalungu esiGungu Sikazwelonke, izithunywa ezisezikhundleni unomphela zoMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke namalungu ezishayamthetho zezifundazwe kufanele afunge noma aqinisekise, phambi kukaMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, noma elinye ijaji elijutshwe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, ngendlela elandelayo:

Mina, A.B., ngiyafunga/ngiyaqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yaseRiphabhuliki; futhi ngethembisa ngokuqinisekile ukuthi ngizokwenza imisebenzi yami njengelungu lesiGungu Sikazwelonke/njengesithunywa esisesikhundleni unomphela kuMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke/njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe sase-C.D. ngawo wonke amandla enginawo.

(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).

2. Abantu abagcwalisa isikhundla kusiGungu Sikazwelonke, sesithunywa esisesikhundleni umomphela soMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke noma izishayamthetho zezifundazwe bangafunga noma baqinisekise, njengoba kushiwo ku (1), ngaphambi kophethe uhlelo lwePhalamende, lesuGungu, loMkhandlu noma lwesishayamthetho, kuye ngokuthi kugcwaliswa siphi isikhundla.

5. Izifungo neziqinisekiso zoNdunankulu, amaBamba ONdunankulu namalungu emiKhandlu ePhethe yesifundazwe
UNdunankulu noma iBamba likaNdunankulu wesifundazwe, kanye nelungu ngalinye loMkhandlu Ophethe kusifundazwe, kufanele afunge/aqinisekise phambi kukaMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo noma ijaji elijutshwe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, ngendlela elandelayo:

Mina, A.B. ngiyafunga/ngiqinisekisa ukuthi ngizokwethembeka kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika futhi ngizothobela, ngihloniphe futhi ngiphakamise uMthethosisekelo kanye nayo yonke eminye imithetho yeRiphabhuliki; futhi ngiyethembisa ukuphatha isikhundla sami njengoNdunankulu/njengeBamba LikaNdunankulu/njengelungu loMkhandlu Ophethe wesifundazwe sase C.D. ngokuhlonipheka nangesithunzi; ukuba ngumeluleki weqiniso nowethembekile; ukungedlulisi ngokusobala noma ngendlela ecashile noma yiluphi udaba oluyimfihlo engethenjwe ngalo; nokwenza imisebenzi yesikhundla sami ngokwethembeka nangawo wonke amandla enginawo.

(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize.)

6. Isifungo noma isiqinisekiso sabenza umsebenzi wezamajaji
1. Ijaji noma ibamba lejaji ngalinye, kufanele lifunge noma liqinisekise phambi kukaMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo noma ijaji elijutshwe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, ngendlela elandelayo:

Mina, A.B. ngiyafunga/ngiyaqinisekisa ukuthi, njengejaji leNkantolo YoMthethosisekelo/leNkantolo Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala/leNkantolo Ephakeme/leNkantolo yase E.F, ngizokwethembeka kuRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika, ngizophakamisa futhi ngivikele uMthethosisekelo namalungelo obuntu atholakala kuwo; futhi ngizokwabela ubulungiswa kubo bonke abantu ngokufana ngaphandle kokwesaba, kokuvuna noma ukukhinyabeza ngokulandela uMthethosisekelo kanye nomthetho.

(Uma kuthathwa isifungo: INkosi ingisize).

2. Umuntu oqokelwe esikhundleni sokuba yiJaji Elikhulu Lenkantolo YoMthethosisekelo ongelona ijaji ngaleso sikhathi sokuqokelwa esikhundleni, kufanele afunge noma aqinisekise ngaphambi kwePhini Likamongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, noma uma lingekho lelo jaji, phambi kwejaji elikhulu leNkantolo Yomthethosisekelo elitholakalayo. 2 Abasebenza ezinkantolo zomthetho, kanye namabamba abasebenza ezinkantolo zomthetho, ngaphandle kwamajaji, kufanele bafunge/baqinisekise njengoba kushiwo umthetho kazwelonke.