UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isahluko 13

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isahluko 13: Izimali

Okuphathelene nezimali ngokubanzi

213. Isikhwama seMali sikaZwelonke
1. Kunesikhwama Semali Sikazwelonke okufakwa kuso yonke imali kanye nemali etholwe nguhulumeni kazwelonke, okufanele ikhokhwe, ngaphandle kwemali eshiywe ngaphandle ngumthetho wePhalamende.
2. Imali ingakhishwa esiKhwameni Semali Sikazwelonke kuphela –
a. ngokuthi ibekwe eceleni ngokoMthetho Wephalamende; noma
b. njengemali ebekelwe umsebenzi othile ikhishwa esiKhwameni Semali Sikazwelonke, uma ihlinzekelwe kuMthethosisekelo noma kuMthethweni Wephalamende.
3. Ingxenye elingene yemali yezifundazweni evela ezimalini zikazwelonke ikhishwa ngqo esiKhwameni Semali Kazwelonke.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 213: umhla zi 1 Januwari 1998.]

214. Ukwabiwa ngokulingana kanye nokwabiwa kwezimali
1. UMthetho Wephalamende kufanele uhlinzekele –
a. ukwehlukaniswa ngokulingana kwezimali eziqoqwe ezweni lonke phakathi kwemikhakha kahulumeni kazwelonke, yezifundazwe nohulumeni basekhaya;
b. ukutholwa kwendlela egculisayo yokunquma ngokulinganayo ubungako bengxenye yemali etholwa yisifundazwe ngasinye esabelweni sesifundazwe saleyo mali; kanye
c. nanoma yikuphi okunye ukwabiwa okuya kohulumeni bezifundazwe, basekhaya noma komasipala, kuvela esabelweni semali sikahulumeni kazwelonke, kanye nanoma yiziphi izimo okungenzelwa phezu kwazo lokho kwabiwa.
2. UMthetho oshiwo kusigatshaneni soku-(1) ungashaywa kuphela ngemuva kokubonisana nohulumeni besifundazwe, ohulumeni basekhaya abahlelekile kanye neKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso, futhi kwabhekisiswa noma yisiphi isincomo seKhomishani; futhi kufanele ubhekele –
a. izidingo zezwe;
b. noma iyiphi imibandela okufanele yenziwe mayelana nesikweletu sezwe kanye nezinye izibopho zikazwelonke;
c. izidingo nezintshisekelo zikahulumeni kazwelonke, ezitholakele ngokuthi kusetshenziswe imigomo engathathi hlangothi;
d. isidingo sokuqinisekisa ukuthi izifundazwe nomasipala bayakwazi ukufeza izidingongqangi nokwenza imisebenzi abayabelwe;
e, amandla ezezimali kanye nokusebenza ngekhono kwezifundazwe nomasipala; (f) izidingo zokuthuthukiswa nezinye izidingo zezifundazwe, zohulumeni basekhaya kanye nomasipala;
f. ukwehluka kwezimo zomnotho kuzifundazwe naphakathi kwezifundazwe;
g. izibopho zezifundazwe nomasipala ngokomthetho kazwelonke;
h. ukufuneka kokwabiwa kwezabelo zemali ezisimeme nezilindelekile; kanye
i. nesidingo sokungaqinisi izintamo uma kubhekwana nezimo eziphuthumayo noma ezinye izidingo zesikhashana, kanye namanye amaphuzu esekelwe kuzimo ezifanayo.

[Usuku lokuqala kwesigaba sama 214: umhal zi 1 Januwari 1998.]

215. Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala
1. Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala kanye nezinqubo zokwabiwa kwezimali kufanele zigqugquzelele ukusebenzela obala, ukuphenduleka, kanye nokuphathwa kwezimali okunempumelelo kwezomnotho, kwezikweletu kanye nomkhakha womphakathi.
2. Umthetho kazwelonke kufanele ubeke imiyalo –
a. uhlobo izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe nezomasipala okufanele uhlobo izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe nezomasipala okufanele lube yilona;
b. ngokuthi izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe noma zendawo kufanele zethulwe nini; kanye
c. nokuthi izabelozimali emkhakheni ngamunye kahulumeni kufanele zibonise ukuthi izimali zivelaphi nokuthi izindleko ezihlongozwa zizohambisana ngayiphi indlela nomthetho kazwelonke.
3. Isabelozimali nagsinye emkhakheni kahulumeni ngamunye kufanele siqukathe –
a. izilinganiso zezimali ezizotholwa nezizosetshenziswa ezehlukanisa phakathi kwezindleko zesikhthi eside kanye nezindleko eziqhubekayo;
b. iziphakamiso zokuthi izikweletu noma yikuphi ukuntuleka kwemali okulindelekile kuzokhokhwa kanjani kuleso sikhathi okuzobe kwenzeka ngaso; kanye
c. nokukukhombisa izinhloso mayelana nokwebolekwa kwemali nezinye izinhlobo zezikweletu zomphakathi ezizokwandisa izikweletu zomphakathi onyakeni olandelayo.

[Usuku lokuqala kwesigaba sama 215: umhla zi 1 Januwari 1998.]

216. Ukulawulwa kwezimali zombuso
1. Umthetho kazwelonke kufanele umise ihhovisi likazwelonke lokugcina izimali zombuso bese ubeka izindlela zokuqinisekisa kokubili ukusebenza ngendlela esobala kanye nokulawulwa kokusetshenziswa kwezimali emkhakheni ngawunye kahulumeni, ngokuthi wethule –
a. izindlela zokugcinwa kwama-akhawunti ezijwayelekile njengezamukeliwe zokubika ngezimali;
b. izigaba imali esetshenziselwa zona ngokufanayo mayelana nokusetshenziswa kwemali; kanye
c. nemigomo nezilinganiso ezifanayo mayelana nezimali zombuso.
2. Ihhovisi likazwelonke lezimali zombuso kufanele liphoqelele ukulandelwa kwezinyathelo ezisungulwe ngokwesigatshana soku (1), futhi lingavimba ukwedluliselwa kwezimali engxenyeni yombuso uma ngabe leyo ngxenye yombuso yephule lezo zinyathelo ngendlela embi kakhulu noma elokhu iphindaphindwa.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 5(a) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

3. Isinqumo sokumisa ukwedluliswa kwezimali okufanele zitholwe yisifundazwe ngokwesigaba sama 214(1) (b) singathathwa kuphela ngaphansi kwezimo eziphawulwe esigatshaneni sesi (2), futhi –
a. asinakumisa ukwedluliswa kwemali isikhathi esingaphezulu kwezinsuku eziyi-120; futhi
b. singaphoqelelwa ngokushesha, kodwa sizophela kusukela esikhathini esedlule ngaphandle uma iPhalamende lisemukela kulandela uhlelo olufana kakhulu nalolo olumiswe ngokwesigaba sama 76(1) futhi lwamiswa yimitheshwana nemiyalo ehlanganyelwe yePhalamende. Lolu hlelo kufanele lwenziwe luqedwe kungakapheli izinsuku ezingama-30 senziwe isinqumo sehhovisi likazwelonke lezimali zombuso.

[Isigatshana sesi (3) sichibiyelwe yisigaba sesi 5(b) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

4. IPhalamende lingasivuselela isinqumo sokumisa ukwedluliswa kwemali zingeqi izinsuku eziyi 120 ngasikhathi ngasinye, ngemuva kokulandela uhlelo olubekwe ngokwesigatshana sesi (3).
5, Ngaphambi kokuthi iPhalamende lemukele noma livuselele isinqumo sokumisa ukwedluliselwa kwezimali esifundazweni –
a. uMcubunguli Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele anikeze iPhalamende umbiko; futhi
b. isifundazwe kufanele sinikwe ithuba lokuziphendulela ngalokho esethweswe icala ngakho, futhi sibeke udaba lwaso phambi kwekomiti.

217. Impahla nemisebenzi ekhokhelwa ngezimali zikahulumeni
1. Uma ingxenye yombuso emkhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe noma wasekhaya, noma iyiphi enye inhlangano evezwe emthethweni kazwelonke, ungena ezivumelwaneni mayelana nempahla noma imisebenzi, kufanele zikwenze lokhu ngokuhambisana nohlelo olungenzeleli, olulinganayo, olusobala, olufanele nolungabizi.
2. Isigatshana soku (1) asizivimbeli izingxenye zombuso noma izikhungo okubhekiswe kuzo kuleso sigatshana ukuthi zisebenzise inqubomgomo yokutholwa kwempahla noma wokwenziwa kwemisebenzi ehlinzekela -
a. izigaba ezinconywayo kunezinye lapho kwabiwa izivumelwano ezenziwayo; kanye
b. nokuvikelwa noma ukuthuthukiswa kwabantu noma izigaba zabantu, ababekwe esimweni esingesihle ngenxa yobandlululo.
3. Umthetho kazwelonke kufanele ubeke uhlaka okufanele kwenzelwe ngaphakathi kwalo inqubomgomo ephawulwe ezigatshaneni sesi (2).

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 6 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

218. Iziqinisekiso zikahulumeni
1. Uhulumeni kazwelonke, uhulumeni wesifundazwe noma umasipala anganikeza isiqinisekiso ngemali etshelekwayo kuphela uma isiqinisekiso sihambisana nanoma yimiphi imibandela ebekwe emthethweni kazwelonke.
2. Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa kuphela ngemuva kokuthi noma yiziphi izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso sezicutshunguliwe.
3. Minyaka yonke, uhulumeni ngamunye kufanele ashicilele umbiko ngeziqinisekiso azinikile.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 218: umhla zi 1 Januwari 1998.]

219. Ukukhokhelwa kwabantu abasezikhundleni zikahulumeni
1. UMthetho Wephalamende kufanele umise uhlaka lokunquma –
a. ngamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu esiGungu Sikazwelonke, izithunywa ezisezikhundleni unomphela zoMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, zamalungu eKhabhinethi, zamaPhini oNgqongqoshe, zabaholi bendabuko kanye nezamalungu anoma yimiphi imikhandlu yabaholi bendabuko; kanye
b. nokubeka umkhawulo ongenakweqiwa ngamaholo, izibonelelo noma izinzuzo zamalungu ezishayamthetho zezifundazwe, zamalungu emiKhandlu ePhethe kanye namalungu eMikhandlu Yomasipala bezinhlobo ezahlukene.
2. Umthetho kazwelonke kufanele umise ikhomishani ezimele yokwenza izincomo mayelana namaholo, izibonelelo kanye nezinzuzo eziphawulwe esigatshaneni soku (1).
3. IPhalamende lingemukela umthetho ophawulwe esigatshaneni soku (1) kuphela ngemuva kokucubungula nanoma yiziphi izincomo ezenziwe yiKhomishani emiswe njengoba kushiwo esigatshaneni sesi (2).
4. Abaphethe kuzwelonke, abaphethe esifundazweni, umasipala noma yisiphi esinye isiphathimandla bangasebenzisa umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1), kuphela ngemuva kokucubungula noma yisiphi isincomo esenziwe yiKhomishani emiswe ngokwesigatshana sesi (2).
5. Umthetho kazwelonke kufanele umise izinhlaka zokunquma ngamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamajaji, zoMvikeli Womphakathi, zoMcubunguli Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kanye nezamalungu anoma iyiphi iKhomishani ehlinzekelwe kuMthethosisekelo, kumbandakanya isiphathimandla sezokusakaza esiphawulwe esigabeni se 192.

IKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso

220. Ukumiswa nokusebenza kwayo
1. KuneKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso YeRiphabhuliki eyenza izincomo ezicatshangwayo kulesi Sahluko, noma emthethweni kazwelonke, izethule ePhalamende, kuzishayamthetho zezifundazwe kanye nakunoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezibekwe ngumthetho kazwelonke.
2. IKhomishani izimele futhi ilawulwa kuphela nguMthethosisekelo nangumthetho, futhi kufanele ingachemi.
3. IKhomishani kufanele isebenze ngokoMthetho Wephalamende futhi, ekwenzeni imisebenzi yayo, kufanele icubungule wonke amaphuzu athintekayo, kumbandakanya lawo asihlwini olusesigabeni sama 214(2).

221. Ukuqokelwa esikhundleni nesikhathi sesikhundla samalungu
1. IKhomishani yakhiwe yilaba bantu besifazane nabesilisa abalandelayo abaqokelwe esikhundleni nguMongameli, njengenhloko yabaphethe kuzwelonke -
a. Usihlalo kanye nephini likasihlalo;
b. abantu abathathu abakhethwe, ngemuva kokubonisana noNdunankulu, ohlwini olwenziwe ngokuhambisana nenqubo ebekwe ngumthetho kazwelonke;
c. abantu ababili abakhethwe, ngemuva kokubonisana nohulumeni basekhaya abahlelekile, ohlwini olwenziwe ngohambisna nenqubo ebekwe ngumthetho kazwelonke; kanye
nabanye abantu ababili.

[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 7(a) soMthetho Wesihlanu Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1999] futhi yaphinda yathathwa yisigaba sesi 7(a) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

(1A) Umthetho kazwelonke okubhekiswe kuwo esigatshaneni soku (1) kufanele ubonelele ukubamba iqhaza –

a. koNdunankulu ekwenziweni kohlu olucatshangwa esigatshaneni soku-(1) (b); kanye
b. nokukahulumeni wasekhaya ohlelekile ekwenziweni kohlu oluhlongozwa esigatshaneni soku (1)(c).

[Isigatshana soku (1A) sifakwe yisigaba sesi 7(b) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2001.]

2. Amalungu eKhomishani kufanele abenolwazi olufanele.
Amalungu asebenza ezikhundleni ngokomthetho kazwelonke. UMongameli angasusa ilungu esikhundleni ngezizathu zokungaziphathi kahle, zokungakwazi ukwenza umsebenzi ngenxa yesimo esithile noma zokungawazi umsebenzi.

222. Imibiko
IKhomishani kufanele inikeze imibiko ngezikhathi ezibekiwe ePhalamende nakuzishayamthetho zezifundazwe.

IBhange Elikhulu Lesizwe

223. Ukumiswa
IBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika liyibhange elikhulu laseRiphabhuliki futhi lilawulwa ngokoMthetho Wephalamende.

224. Inhloso ebalulekile
1. Inhloso ebalulekile yeBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika ukuvikela intengo yemali ukuze kuqinisekiswe ukukhula komnotho okungantengantengi nokuqhubekayo eRiphabhuliki.
2. IBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika, ekufezeni inhloso yalo ebalulekile, kufanele lenze imisebenzi yalo ngokuzimela nangaphandle kokwesaba, ukukhetha noma ukujivaza, kodwa kufanele kube nokubonisana njalo phakathi kweBhange nelungu leKhabhinethi elibheke ezezimali zikazwelonke.

225. Amandla nemisebenzi
Amandla nemisebenzi yeBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika yileyo evame ukusetshenziswa futhi yenziwe ngamabhange amakhulu, nekufanele imiswe nguMthetho Wephalamende futhi kufanele isetshenziswe noma yenziwe ngokwemibandela ebekwe ngokwalowo Mthetho.

IziNdaba Eziphathelene Nezezimali Zesifundazwe Nezendawo

226. IsiKhwama seziMali zesiFundazwe
1. KunesiKhwama Sezimali Zesifundazwe esifundazweni ngasinye okufanele kufakwe kuso zonke izimali ezitholwe nguhulumeni wesifundazwe, ngaphandle kwemali eshiywe ngaphandle ngokufanele ngokwalo Mthetho Wephalamende.
2. Imali ingakhishwa esiKhwameni Semali Sesifundazwe kuphela –
a. ngokuthi ithathwe ngokoMthetho wesifundazwe; noma
b. njengemali ebekelwe umsebenzi othile kusiKhwameni Semali Sesifundazwe, uma ihlinzekelwe kuMthethosisekelo noma kumthetho wesifundazwe.
3. Izimali ezabiwe ngokusebenzisa isifundazwe ziya kuhulumeni wasekhaya kuleso sifundazwe, ngokwesigaba sama 214(1), zikhishwa ngqo esiKhwameni Semali saleso sifundazwe.
4. Umthetho kazwelonke unganquma ngohlaka okumele kusetshenzelwe ngaphakathi kwalo ukuthi -
a. uMthetho wesifundazwe ngokwesigatshana sesi (2)(b) ungagunyaza ukuba kukhishwe imali njengemali ebibizwa ngqo kusiKhwama Semali Sesifundazwe; kanye
b. nemali eyabiwe ngesifundazwe yanikwa uhulumeni wasekhaya kuleso sifundazwe ngokwesigatshana sesi (3) kufanele ikhokhelwe omasipala kuleso sifundazwe.

[Isigatshana sesi (4) singezwe yisigaba sesi 8 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2001.]

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama-226: umhla zi 1 kuMasingana 1998.]

227. Imithombo kazwelonke yezimali zesifundazwe nezikahulumeni wasekhaya
1. Uhulumeni wasekhaya nowesifundazwe ngasinye –
a. banelungelo lokuthola ingxenye egculisayo yemali eqoqwe kuzwelonke ukuze bakwazi ukuhlinzekela izidingo zomphakathi nokwenza imisebenzi abayabelwe; futhi
b. bangathola okunye ukwabiwa okuqhamuka emalini kahulumeni kazwelonke, okungabekelwa izimiso noma kungabinazimiso.
2. Izimali ezingaphezulu eziqoqwe yizifundazwe noma ngomasipala zingesuswe engxenyeni yabo yemali eqoqwe ngokukazwelonke, noma kokunye ukwabiwa abakuthole ezimalini zikahulumeni kazwelonke. Ngokulinganayo, uhulumeni kazwelonke akaphoqwe yilutho ukuba anxephezelise izifundazwe noma omasipala abangaqoqi izimali ezilingana nezimali ezingaqoqwa noma izintela ezingakhokhwa.
3. Ingxenye yemali egculisayo yesifundazwe eqoqwe kuzwelonke kufanele yedluliselwe kusifundazwe ngokushesha futhi kungazange kubanjwe zimali kuyo, ngaphandle kwalapho ukwedluliswa kumiswe ngokwesigaba sama 216.
4. Isifundazwe kufanele sizihlinzekele ngokwaso noma yiziphi izinto esizidingayo, ngokokuhlinzeka komthethosisekelo waso wesifundazwe, ezingaphezulu kwezidingo ezihlongozwe kuMthethosisekelo.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 227: umhla zi 1 Januwari 1998.]

228. Izintela zesifundazwe
1. Isishayamthetho sesifundazwe singabeka –
a. izintela, izimali ezikhokhelwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile, ngaphandle kwentela yeholo, intela efakwa enanini lentengo yokuthile, intela eyejwayelekile kokuthengiswayo, intela yomhlaba nezakhiwo noma intela yemikhiqizo yakwamanye amazwe; kanye
b. nemali eyinani elingaguquki ehlawuliswa ngaphezu kwanoma iyiphi intela, imali ekhokhelwa okuthile noma imali ekhokhelwa izimpahla ezithile ebekwe ngumthetho kazwelonke, ngaphandle kwezimali zezintela ezivela emalini etholwa ngezohwebo, emalini efakwa enanini lentengo yokuthile, intela yomhlaba nezakhiwo noma izintela zemikhiqizo evela kwamanye amazwe.

[Indima (b) indawo yayo ithathwe yisigaba sesi 9 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

2. Amandla esishayamthetho sesifundazwe okubeka izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu –
a. awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi
b. kufanele alawulwe ngokoMthetho Wephalamende, ongashaywa kuphela ngemuva kokucutshungulwa kwanoma yiziphi izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 228: umhla zi 1 Januwari 1998.]

229. Amandla nemisebenzi yesikhwama sezimali sikamasipala
1. Ngokwesigatshana sesi (2), sesi (3) kanye nesesi 4), umasipala angahlawulisa –
a. intela yempahla umuntu anayo kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu ezimalini ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe noma owenziwe egameni likamasipala; futhi
b. uma egunyazwe ngumthetho kazwelonke, angabeka ezinye izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile ezifanele uhulumeni waskhaya noma uhlobo lukahulumeni wasekhaya okungena ngaphansi kwawo lowo masipala, kodwa akunamasipala ovunyelwe ukubeka intela yeholo, intela efakwa enanini lentengo yezinto, intela ejwayelekile yokuthengiswayo noma intela yemikhiqizo evela kwamanye amazwe.
2. Amandla kamasipala okuhlawulisa izintela empahleni yabantu, izimali ezihlawuliswa ngaphezulu kwezimali ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe noma owenziwe egameni likamasipala, noma ezinye izintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile noma izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile zemikhiqizo evela kwamanye amazwe –
a. awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi
b. angalawulwa ngumthetho kazwelonke.
3. Uma omasipala ababili benamandla afanayo ngokwesikhwama sombuso nangokwemisebenzi emayelana nendawo efanayo, ukwabiwa ngendlela efanele kwalawo mandla nemisebenzi kufanele kwenziwe ngokomthetho kazwelonke. Ukwabiwa kungenziwa kuphela ngemuva kokuqashelwa kwale migomo elandelayo -
a. Isidingo sokuhambisana nemigomo ezwakalayo yokukhwa kwentela;
b. Amandla nemisebenzi eyenziwa ngumasipala ngamunye;
c. Ubungako besikhwama sombuso sikamasipala ngamunye;
d. Ukusebenza ngempumelelo nangekhono lokwenziwa kokuhlawuliswa kwezintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile.
e. Ukulingana.
4. Akukho lutho kulesi sigaba okuvimbela ukwabelana ngemali etholwe ngokwalesi sigaba phakathi komasipala abanamandla phezu kwesikhwama sombuso kanye nemisebenzi kuleyo ndawo.
5. Umthetho kazwelonke ocatshangelwa kulesi sigaba ungamiswa kuphela ngemuva kokubonisana nohulumeni wasekhaya kanye neKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso, futhi uma sekucutshungulwe noma yisiphi isincomo seKhomishani.

[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 229: umhla zi 1 Januawari 1998.]

230. Imali ebolekwa yisifundazwe
1. Isifundazwe singaboleka izimali zokuhlangabezana nezindleko ezingaveli njalo nezezindleko eziqhubekayo ngokomthetho kazwelonke, kodwa imali ebolekelwa izindleko eziqhubekayo ingabolekwa kuphela uma kunesidingo sokuvala lapho kunokuntula khona onyakeni othile wezimali.
2. Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso sezicutshunguliwe.

[Isigaba sama 230 indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

230A. Imali ebolekwa ngumasipala
1. UMkhandlu Kamasipala, ngokulandela umthetho kazwelonke -
a. ungabolekela umasipala izimali zokuhlangabezana nezindleko ezingaveli njalo nezezindleko eziqhubekayo, kodwa imali ebolekelwa izindleko eziqhubekayo ingabolekwa kuphela uma kunesidingo sokuvala lapho kunokuntula khona onyakeni othile wezimali; futhi
b. ungazibophezela wona kanye noMkhandlu wakusasa ekusetshenzisweni kwegunya lawo lomthetho nelokuphatha ukutholela umasipala izimali ezibolekwayo noma ukumtshalela izimali.
2. Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso sezicutshunguliwe.

[Isigaba sama 230A sifakwe yisigaba se 17 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]