UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isahluko 12

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isahluko 12: Amaziko Ezokuphepha

211. Ukuvunywa
1. Isikhungo, izinga kanye neqhaza elibanjwa ngubuholi bendabuko, njengoba kubekwa ngumthetho wamasiko, kuyavunywa, kuphela uma kuhambisana noMthethosisekelo.
2. Umbuso wendabuko olandela uhlelo lomthetho wamasiko ungasebenza kuphela ngokwanoma yimuphi umthetho osetshenziswayo kanye namasiko, ombandakanya ukuchibiyelwa noma ukuqedwa kwalowo mthetho noma amasiko.
3. Izinkantolo kufanele zisebenzise imithetho yamasiko uma lowo mthetho kuyiwona osebenzayo, kuye ngokoMthethosisekelo kanye nanoma yimuphi umthetho ophathelene ngqo nomthetho wamasiko.

212. Iqhaza elibanjwa ngabaholi bendabuko
1. Umthetho kazwelonke ungahlinzekela iqhaza lobuholi bendabuko, njengesikhungo ezingeni lendawo ezindabeni ezithinta imiphakathi yendawo.
2. Ukuze kubhekanwe nezindaba eziphathelene nobuholi bendabuko, iqhaza labaholi bendabuko, umthetho wamasiko kanye namasiko emiphakathi elandela uhlelo lomthetho wamasiko –
a. umthetho kazwelonke noma wesifundazwe ungahlinzekela ukumiswa kwezindlu zabaholi bendabuko; futhi
b. umthetho kazwelonke ungamisa umkhandlu wabaholi bendabuko.