UEksodosi

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
Ibhayibheli LesiZulu
UEksodosi

Isahluko Sokuqala[edit]

1 Manje ke lawa ngamagama amadodana kaIsrayeli, eza eGibhithe (yonke indoda nomuzi wayo yeza noJakobe): 2 ngoRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, 3 no-Isakare, noZebuloni, noBenjamini, 4 noDani, noNafetali, noGadi, no-Asheri. 5 Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe. 6 UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane. 7 Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona. 8 Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa. 9 Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi, futhi banamandla kunathi; 10 masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.” 11 Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamsesi. 12 Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli. 13 AbaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwa-Israyeli ngamandla. 14 Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo. 15 Inkosi yaseGibithe yakhuluma kubabelethisi bamaHeberukazi, igama lomunye wabo linguShifira, elomunye linguPhuwa, 16 yathi: “Nxa nibelethisa amaHeberukazi, niwabona esesihlalweni sokubeletha, uma kuyindodana, anoyibulala, kepha uma kuyindodakazi, izakuphila.” 17 Kodwa ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho yasho kubo inkosi yaseGibithe, babasindisa abafana. 18 Inkosi yaseGibithe yayisibiza ababelethisi, yathi kubo: “Nenzeleni lokhu, nasindisa abafana, na?” 19 Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungokuba amaHeberukazi engenjengabaseGibithe; anamandla, abeletha, engakafiki umbelethisi kuwo.” 20 UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle; abantu banda, baba baningi kakhulu. 21 Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi. 22 UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”

Isahluko Sesibili[edit]

1 Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi. 2 Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu. 3 Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. 4 Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye. 5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. 6 Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.” 7 Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?” 8 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Yasuka intombazana, yabiza unina wengane. 9 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba nalo mntwana, ungincelisele yena; ngizakukukhokhela.” Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa. 10 Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: “Ngokuba ngamkhipha emanzini.” 11 Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo. 12 Waphendukela ngalapha nangalapha; esebonile ukuthi akukho muntu, wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini. 13 Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?” 14 Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?” UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.” 15 UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni. 16 UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise. 17 Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo. 18 Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?” 19 Athi: “OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.” 20 Wathi kuwo amadodakazi akhe: “Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.” 21 UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe. 22 Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.” 23 Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo. 24 UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 25 UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.

Isahluko Sesithathu[edit]

1UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe. 2Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo, kepha isihlahla asiphelanga nokho. 3Wayesethi uMose: “Mangiphambuke, ngiye ngibone lesi sibonakaliso esikhulu ukuba isihlahla asishi ngani.” 4UNkulunkulu esebona ukuthi uyaphambuka ukuyobuka, uNkulunkulu wambiza ephakathi kwesihlahla, wathi: “Mose, Mose!” 5Wathi: “Ngilapha.” Wayesethi: “Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.” 6Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.” 7Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo; 8ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi. 9Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho. 10Ngakho hamba, ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.” 11UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwa-Israyeli na?” 12Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.” 13UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini,’ bese bethi kimi: ‘Ngubani igama lakhe?’ ngizakuthini kubo na?” 14UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye enginguye.” Wathi: “Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UNgikhona* ungithumile.’ ” 15UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane. 16“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe. 17Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’ 18“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’ 19Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla. 20Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke. 21“Ngiyakunika lesi sizwe umusa emehlweni abaseGibithe, kuze kuthi lapho nisuka, aniyikuhamba ningaphethe lutho, 22kepha yilowo nalowo wesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.”