UGenesisi

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
Ibhayibheli LesiZulu
UGenesisi

Isahluko Sokuqala[edit]

1 Ekuqaleni, uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. 2 Umhlaba wawulihlane elixokozelayo, ubumnyama bugcwele yonke indawo, umoya kaNkulunkulu uhambahamba phezu kwamanzi. 3 Wayesethi uNkulunkulu, "Makube khona ukukhanya," kwabakhona ukukhanya. 4 UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. 5 UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala. 6 UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.” 7 UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo. 8 UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili. 9 UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo. 10 komileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 11 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni,” kwaba njalo. 12 Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 13 Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu. 14 UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka, 15 zibe yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni,” kwaba njalo. 16 UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi. 17 UNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni, 18 zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 19 Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesine. 20 UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.” 21 UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 22 UNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni.” 23 Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu. 24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo,” kwaba njalo. 25 UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 26 UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.” 27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. 28 UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” 29 UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu. 30 Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla,” kwaba njalo. 31 UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.

Isahluko Sesibili[edit]

1 Izulu nomhlaba kwapheleliswa, nabo bonke ububanzi babo. 2 Ngosuku lwesikhombisa, uNkulunkulu wayiqeda imisebenzi yakhe ayenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe ayenzile. 3 UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza. 4 Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu. 5 Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi. 6 Kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlaba. 7 UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo. 8 UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. 9 UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi. 10 E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine. 11 Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide. 12 Lihle igolide lalelo zwe. Kukhona nenhlaka yebedola* netshe leshohamu* lapho. 13 Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe. 14 Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe. 15 UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. 16 UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, 17 kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” 18 UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.” 19 UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo. 20 Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye. 21 UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. 22 UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. 23 Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” 24 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye. 25 Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.

Isahluko Sesithathu[edit]

1 Manje ke, inyoka yaba liqili kuzo zonke izilwane zasendle uNkulunkulu ayezenzile. Yathi kowesifazane, "Ingabe uNkulunkulu ngempela ushilo ukuthi, 'Ningadli kunoma yisiphi isihlahla ensimini na?'" 2 Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini, 3 kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ” 4 Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa; 5 kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” 6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla. 7 Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco. 8 Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu. 9 Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?” 10 Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.” 11 Khona wathi: “Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?” 12 U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.” 13 UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?” Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.” 14 UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. 15 Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” 16 Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” 17 Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. 18 Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle. 19 Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” 20 U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva,* ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo. 21 UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa. 22 UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” 23 UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo. 24 Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.

Isahluko Sesine[edit]

1 U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” 2 Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi. 3 Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. 4 Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. 5 Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala. 6 UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? 7 Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.” 8 UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala. 9 Wayesethi uJehova kuKayini: “Uphi umfowenu u-Abela na?” Wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?” 10 Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini. 11 Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho. 12 Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.” 13 Khona wathi uKayini kuJehova: “Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale. 14 Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.” 15 Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale. 16 Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene. 17 UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe. 18 U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka. 19 ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila. 20 U-Ada wazala uJabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo. 21 Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo. 22 USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama. 23 ULameka wathi kubo abafazi bakhe: “Ada noSila, yizwani izwi lami; nina bafazi bakaLameka, lalelani ukusho kwami: Bhekani, ngibulala umuntu ngenxeba engilitholayo, nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo. 24 Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa, kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa, aphindwe kasikhombisa.” 25 U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.” 26 Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.