ULevitikusu

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
Ibhayibheli LesiZulu
ULevitikusu

Isahluko Sokuqala[edit]

1 UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu. 3“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova. 4Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana. 5Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana. 6Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho. 7Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e-altare, ahlele izinkuni phezu komlilo; 8amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 9ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova. 10“ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici. 11Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke. 12Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 13ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova. 14“ ‘Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni, wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba. 15Umpristi awulethe e-altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare, 16asuse ingila nezimpaphe, akulahle ngaseceleni kwe-altare ngasempumalanga endaweni yomlotha, 17awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

Isahluko Sesibili[edit]

1“ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo, 2awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova; 3okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova. 4“ ‘Nxa uletha umnikelo wempuphu ephekwe eziko, woba ngamaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, noma imiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha. 5Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwe ngomqengele, woba ngowempuphu ecolekileyo engenamvubelo, exovwe ngamafutha. 6Uwuhlephule izingcezu, uthele amafutha kuzo; kungumnikelo wempuphu. 7Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwe ngokhamba, uyakwenziwa ngempuphu ecolekileyo kanye namafutha. 8Woletha kuJehova umnikelo wempuphu owenziwe ngalezo zinto, unikelwe kumpristi, yena awuyise e-altare. 9Umpristi makathabathe okuyisikhumbuzo kuwo umnikelo wempuphu, akushise e-altare kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova. 10kuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova. 11“ ‘Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova. 12Anonikela ngakho kube ngumnikelo wolibo; kungenyukeli e-altare nokho, kube yiphunga elimnandi. 13Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti. 14“ ‘Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova, wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo, amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho, 15uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wempuphu. 16Umpristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, inxenye yamabele agquliweyo awo nenxenye yamafutha awo kanye nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuJehova.