UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isahluko 6

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isahluko 6: Izifundazwe

103. Izifundazwe
1. IRiphabhuliki inezifundazwe ezilandelayo:
a. iMpumalanga Koloni;
b. iFuleyisitata;
c. iGauteng;
d. iKwaZulu-Natali;
e. iLimpopo
f. iMpumalanga;
g. iNyakatho Koloni;
h. iNyakatho Ntshonalanga;
i. iNtshonalanga Koloni.

[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe isigaba sesi 3 soMthetho wesiKhombisa oChibyela uMthethosisekelo wezi 2003 yaphinde yathathwa yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]

2. Imingcele yezifunda ihlanganisa inani laleyo migcele yezifundazwe eziveziwe kumabalazwe ahlukene ashiwo kuSaziso esibalulwe kuSheduli yoku 1A.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]

3. Noma inini uma kuklanywa kabusha imingcele yezifunda ngokuchibiyelwa koMthethosisekelo, uMthetho wePhalamende ungahlinzeka ngezinyathelo zokulawula, ngaphansi kwesikhathi esifanele, imiphumela yomthetho, ukusetshenziswa kanye nokunye okumayelana nokuklama kabusha.
4, UMthetho wePhalamende obalulwe yindima (a) ungamiswa futhi usetshenziswe ngaphambi kokuba kuchitshiyelwe uMthethosisekelo, kodwa nanoma imiphi imisebenzi yesifundazwe, impahla, amalungelo, izimiselo, imisebenzi noma izikweletu kungasuswa kuphela ngokwemigomo yalowo Mthetho ngemuva kokuchibiyelwa koMthethosisekelo.

[Isigaba se 103 indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho weShumi naMbili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]

Izishayamthetho zesifundazwe

104. Igunya lokushaya imithetho yezifundazwe
1. Igunya lokushaya imithetho lesifundazwe libekwe kusishayamthetho sesifundazwe, futhi linikeza isishayamthetho sesifundazwe amandla –
a. okwamukela umthethosisekelo wesifundazwe noma ukuchibiyela noma yimuphi umthethosisekelo owamukelwe yiso ngokwezigaba se 142 nese 143;
b. okwamukela imithetho yesifundazwe saso mayelana –
nanoma yiluphi udaba olungaphakathi kwemisebenzi eyenziwayo esohlwini olukuSheduli yesi 4;
c. nanoma yiluphi udaba elisohlwini olukuSheduli yesi 5;
d. nanoma yiluphi udaba olungekho ngaphakathi kwaleyo misebenzi eyenziwayo, futhi olwabelwe isifundazwe ngokusho komthetho kazwelonke; kanye
e. nanoma oluphi udaba umbandela woMthethosisekelo ohlongoze ukumiswa komthetho wesifundazwe; kanye
f. okwaba noma yimaphi amandla aso okushaya imithetho kunoma yimuphi uMkhandlu kaMasipala kuleso sifundazwe.
2. Isishayamthetho sesifundazwe, ngesinqumo esesekelwe okungenani ngababili kwabathathu bamalungu aso, singacela iPhalamende ukuthi liguqule igama laleso sifundazwe.
3. Isishayamthetho sesifundazwe siboshwe kuphela nguMthethosisekelo futhi, uma sesamukele umthethosisekelo wesifundazwe waso, ngalowo mthethosisekelo, futhi kufanele senze okuhambisana nemikhawulo ebekwe nguMthethosisekelo kanye nomthethosisekelo waleso sifundazwe.
4. Umthetho wesifundazwe mayelana nodaba oludingekile ukuze kusetshenziswe amandla ngendlela noma oluhlangene nokusetshenziswa ngendlela kwamandla athintene nanoma yiluphi udaba olusohlwini olukuSheduli yesi 4, ungumthetho ngazo zonke izinhloso mayelana nodaba olusohlwini olukuSheduli yesi 4.
5. Isishayamthetho sesifundazwe singenza izincoma esiGungwini sikaZwelonke umthetho ophathelene nanoma yiluphi udaba olungaphandle kwamagunya aleso sishayamthetho, noma owenganyelwe nguMthetho wePhalamende ngaphezu komthetho wesifundazwe.

105. Ukwakheka nokhetho lwezishayamthetho zezifundazwe
1. Isishayamthetho sesifundazwe sakhiwe ngabantu besifazane nabesilisa abakhethwe njengamalungu ngokohlelo lokhetho –
a. olumiswe ngumthetho kazwelonke;
b. olwakhelwe phezulu kwengxenye yesifundazwe yoluhlu lukazwelonke lwabo bonke abavoti;
c. oluhlinzekela ngeminyaka yokuvota esuku kweyi 18 ubudala; futhi
d. olunomphumela, jikelele, wokumelwa okuhambisana nenani lamavoti elitholiwe.

[Isigatshana soku (1) sichitshiyelwe yisigaba sesi 3 soMthetho weShumi naMbili wokuChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003 futhi nayisigaba sesi 3 soMthetho weShumi naNe oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi 2008.]

2. Isishayamthetho sesifundazwe sinamalungi aphakathi kwama 30 kuye kuma 80. Inani lamalungu, elingahle lehluke phakathi kwezifundazwe, kufanele linqunywe ngokusebenzisa uhlelo lwezinombolo olubekwe ngumthetho kazwelonke.

106. Ubulungu
1. Isakhamuzi esifanele ukubamba iqhaza okhethweni lwesiGungu sikaZwelonke, singaba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe, ngaphandle –
a. komuntu oqokwe noma osebenzela umbuso futhi ekhokhelwa ngenxa yalowo msebenzi, ngaphandle –
i. kukaNdunankulu namanye amaLungu oMkhandlu weziPhathimandla zesiFundazwe; kanye ii. nanoma yiziphi ezinye iziphathimandla ezenza imisebenzi ehambisana nemisebenzi yelungu lesishayamthetho sesifundazwe, futhi ezishiwo ngumthetho kazwelonke ukuthi zihambisana naleyo misebenzi;
b. kwamalungu esiGungu sikaZwelonke, izithunywa ngokugcwele zoMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe noma amalungu oMkhandlu kaMasipala;
c. komuntu onezikweletu angakwazi ukuzikhokha nongasenakubuyiselwa amalungelo;
d. kwanoma ngubani inkantolo yaseRiphabhuliki ethe akaphilile ngokwengqondo; noma
e. kwanoma ngubani okuthe ngemuva kokuqala ukusebenza kwalesi sigaba, walahlwa yicala futhi wagwetshwa isikhathi esingaphezulu kwezinyanga eziyi 12 ngaphandle kokuthi akhethiswe isijeziso senhlawulo, eRiphabhuliki, ngaphakathi eRiphabhuliki, noma ngaphandle kweRiphabhuliki uma leso senzo esiyicala sasingaba yicala eRiphabhuliki; kodwa akekho ongathathwa njengogwetshiwe, kuze kube nesinqumo ngokwedluliswa kwecala noma kuze kuphele isikhathi sokwedluliswa kwecala. Ukungabinalungelo ngaphansi kwale ndima kuphela eminyakeni emihlanu emuva kokuqedwa kwesigwebo.
2. Umuntu ongafanelekile ukuba yilungu lesiShayamthetho sesiFundazwe, mayelana nesigatshana soku (1)(a) noma u (b) angathathwa njengomuntu ongaqokwa abe yilungu lesishayamthetho, ngaphansi kwemibandela noma isimo esimiswe ngumthetho kazwelonke.
3. Umuntu ulahlekelwa ubulungu besishayamthetho sesifundazwe uma lowo muntu –
a. engasakulungele ukuba yilungu; noma
b. ephutha kusiShayamthetho ngaphandle kwemvume, esimweni lapho umthetho nemiyalo yesiShayamthetho ibeka ukulahlekelwa wubulungu; noma
c. eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa igama lalowo muntu njengelungu lesishayamthetho, ngaphandle kwalapho ilungu selibe yilungu lelinye iqembu ngokweSheduli 6A.

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho weShumi oChibiyela uMthetho- sisekelo kanye nayisigaba sesi 4 soMthetho weShumi naNe oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2008.]

Izikhala kusishayamthetho sesifundazwe kufanele zigcwaliswe ngokulandela umthetho kazwelonke.

107. Ukufunga noma ukuqinisekisa
Ngaphambi kokuba amalungu esishayamthetho sesifundazwe enze imisebenzi yawo kusishayamthetho kufanele afunge noma enze isiqiniseko sokwethembeka kuRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokuhambisana noSheduli yesi-2.

108. Isikhathi sokusebenza kwezishayamthetho zezifundazwe
1. Isishayamthetho sesifundazwe sikhethelwa iminyaka emihlanu.
2. Uma isishayamthetho sesifundazwe sihlakazwa ngokwesigaba se 109, noma lapho isikhathi saso siphela, uNdunankulu wesifundazwe ngesimemezelo esishicilelwe, kufanele ahlele futhi abeke izinsuku zokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingama 90 isishayamthetho sahlakazwa, noma kwaphela isikhathi sokusebenza kwaso. Isimemezelo esibiza nesibeka izinsuku zokhetho singakhishwa ngaphambi noma ngemuva kokuphela kwesikhathi sesishayamthetho sesifundazwe.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho wesiNe oChibiyela uMthetho- sisekelo we 1999.]

3. Uma umphumela wokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, ungamenyezelwanga kungakapheli isikhathi esishiwo esigabeni se 190, noma uma ukhetho luchithwa yinkantolo, uMongameli, ngesaziso, kufanele abize futhi abeke usuku lokhetho okufanele lubanjwe zingakapheli izinsuku ezingama 90 ngemuva kokwedlula kwaleso sikhathi noma kosuku ukhetho olwamiswa ngalo.
4. Isishayamthetho sesifundazwe siqhubeka sibe namandla okusebenza kusukela ngesikhathi sihlakazwa noma siphelelwa yisikhathi, kuze kube wusuku olungaphambi kosuku lokuqala lokuvotelwa kwesishayamthetho esilandelayo.

109. Ukuhlakazwa kwezishayamthetho zezifundazwe ngaphambi kokuphela kwesikhathi
1. UNdunankulu kufanele ahlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –
a. isishayamthetho sithathe isinqumo sokuhlakazeka esisekelwe yiningi lamalungu aso; futhi
b. iminyaka emithathu isidlulile ngemuva kokukhethwa kwesishayamthetho.
2. Ibamba likaNdunankulu kufanele lihlakaze isishayamthetho sesifundazwe uma –
a. kukhona isikhala esikhundleni sikaNdunankulu; futhi
b. isishayamthetho sehluleka ukukhetha uNdunankulu omusha zingakapheli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokuvela kwesikhala.

110. Izikhathi zokuhlangana nezamakhefu
1. Ngemuva kokhetho, umhlangano wokuqala kufanele ubanjwe ngesikhathi nangosuku olunqunywe yijaji eliqokwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakapheli izinsuku eziyi 14 ngemuva kokumenyezelwa komphumela wokhetho. Isishayamthetho sesifundazwe singanquma isikhathi nobude bemihlangano eminye yaso kanye nezikhathi zaso zekhefu.

[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 8 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

2. UNdunankulu wesifundazwe angabiza isishayamthetho sesifundazwe ukuba size emhlanganweni ongejwayelekile ukuze kwenziwe umsebenzi okhethekile.
3. Isishayamthetho sesifundazwe singanquma ukuthi sizohlangana ndawanaphi ngokwejwayelekile.

111. OSomlomo kanye namaPhini oSomlomo
1. Ekuhlaleni kwaso kokuqala ngemuva kokhetho, noma uma kudingekile ukuba kugcwaliswe isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe uSomlomo nePhini likaSomlomo kumalungu aso.
2. IJaji elijutshwe nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele lengamele ukukhethwa kukaSomlomo. USomlomo wengamela ukukhethwa kwePhini likaSomlomo.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 9 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

3. Inqubo elandelwayo kuNgxenye A yeSheduli yesi 3 iyasebenza ekukhethweni koSomlomo namaPhini oSomlomo.
4. Isishayamthetho sesifundazwe singamsusa esikhundleni uSomlomo noma iPhini likaSomlomo ngokuthatha isinqumo. Iningi lamalungu esishayamthetho kufanele libekhona uma kwemukelwa leso sinqumo.
5. Njengokusho kwemitheshwana nemiyalo yaso, isishayamthetho sesifundazwe singakhetha phakathi kwamalungu aso ezinye iziphathimandla ukuze zisize uSomlomo noPhini likaSomlomo.

112. Izinqumo
1. Ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo uhlinzekela ngokunye –
a. iningi lamalungu esishayamthetho sesifundazwe kufanele libekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe uMthethosivivinywa noma ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa;
b. okungenani oyedwa kwabathathu bamalungu esishayamthetho kufanele abekhona ngaphambi kokuba kuvotelwe noma yiluphi udaba okufanele kunqunywe ngalo phambi kwesishayamthetho; futhi
c. zonke izindaba ezingaphambi kwesishayamthetho sesifundazwe kufanele zinqunywe ngokwesekwa yiningi lamavoti afakiwe.
2. Ilungu elengamele umhlangano wesishayamthetho sesifundazwe alinavoti kobekuxoxwa, kodwa –
a. kufanele lifake ivoti elizoveza isinqumo lapho kunamanani amavoti alinganayo ezinhlangothini zombili zodaba; futhi
b. lingavota ngokucatshangiwe uma udaba lufanele lunqunywe ngokwesekwa yivoti okungenani lababili kumalungu amathathu esishayamthetho.

113. Amalungelo ezithunywa ezigcwele kwizishayamthetho zezifundazwe
Izithunywa zesifundazwe ezisebenza ngokugcwele eMkhwandlwini kaZwelonke weziFundazwe zingahambela isishayamthetho futhi zikhulume kwizishayamthetho zezifundazwe zazo kanye nasemakomitini azo, kodwa azivunyelwe ukuvota. Isishayamthetho singadinga ukuba isithunywa esisebenza ngokugcwele ukuba siye kusishayamthetho noma emakomidini aso.

114. Amandla ezishayamthetho zezifundazwe
1. Ekusebenziseni amandla okushaya imithetho, isishayamthetho sesifundazwe –
a, singacwaninga, semukele, siguqule noma sichithe noma yimuphi umthetho obekwe phambi kwesishayamthetho; futhi
b. singasungula noma silungise imithetho, ngaphandle kweMithethosivivinywa yemali.
2. Isishayamthetho sesifundazwe kufanele sihlinzekele izindlela –
a. zokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zombuso emkhakheni kahulumeni wesifundazwe ziphendula kusona; futhi
b. zokugcina iso –
i. ekusetshenzisweni kwegunya lesifundazwe lokuphatha, kumbandakanya nokusetshenziswa kwemithetho; kanye
ii. nakunoma iyiphi ingxenye yombuso.

115. Ubufakazi noma ulwazi phambi kwesishayamthetho sesifundazwe
1. Isishayamthetho sesifundazwe nanoma yiliphi ikomiti laso –
a. singabiza noma yimuphi umuntu ukuthi avele phambi kwaso ukuze anike ubufakazi obufungelwe noma obuqinisekisiwe noma ukuze aveze imibhalo ethile;
b. singafuna ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano inikeze umbiko kusona;
c. singaphoqa, ngokomthetho wesifundazwe noma imitheshwana nemiyalo yaso, ukuthi noma yimuphi umuntu noma inhlangano ilandele okushiwo yisamanisi noma okushiwo yisidingo sesigaba (a) noma u (b); futhi
d. singemukela izicelo ezisayiniwe, imibono noma iziphakamiso ezivela kunoma yibaphi abantu abanetshisekelo noma kunoma yiziphi izinhlangano.

116. Amalungiselelo angaphakathi, okwenziwayo nenqubo elandelwayo yezishayamthetho zezifundazwe
1. Isishayamthetho sesifundazwe –
a. singazithathela izinqumo futhi silawule amalungiselelo aso angaphakathi, esikwenzayo kanye nezinqubo; futhi
b. senze imitheshwana nemiyalo mayelana nomsebenzi waso, sibe sibhekele ukuqhuba ngenqubo yentando yeningi eyazisa ukumelwa nokubanjwa kweqhaza, ukuba nesibopho, ukusebenzela obala nokumbandakanywa komphakathi.
2. Imitheshwana nemiyalo yesishayamthetho sesifundazwe kufanele ihlinzekele –
a. ukumiswa, ukwakheka, amandla, imisebenzi, inqubo elandelwayo kanye nesikhathi sokuba khona kwamakomiti aso;
b. ukubanjwa kweqhaza emisebenzini yesishayamthetho sesifundazwe, kanye namakomiti aso amaqembu amancane ezombusazwe amelwe eMkhandlwini, ngendlela ehambisana nenqubo yentando yeningi;
c. usizo lwezemali nokuphathwa eqenjini ngalinye elimelwe kusishayamthetho sesifundazwe, olulingana nokumelwa kwalo, ukuze iqembu ngalinye nomholi walo likwazi ukwenza imisebenzi yalo kusishayamthetho; kanye
d. nokwemukelwa komholi weqembu elikhulu eliphikisayo kusishayamthetho, njengoMholi wabaPhikisayo.

117. Ilungelomvume
1. Amalungu esishayamthetho sesifundazwe kanye nezithunywa ezisebenza ngokugcwele eMkhandlwini kaZwelonke weziFundazwe –
a. anelungelo lokukhuluma ngokukhululeka kusishayamthetho nasemakomitini aso, ngendlela evumelana nemitheshwana nemiyalo; futhi
b. angeke athweswe amacala ombango noma obulelesi, aboshwe, avalelwe noma akhokhiswe inhlawulo ngenxa –
i. yanoma yini ayishilo, ayivezile noma ayinikeze isishayamthetho nanoma yiliphi ikomiti laso;
ii. yanoma yini evelile ngenxa yalokho akushilo, akuvezile akunikeze isishayamthetho nanoma yiliphi ikomiti laso.
2. Ezinye izibonelelo nokuvikeleka kwesishayamthetho sesifundazwe namalungu aso zingabekwa ngumthetho kazwelonke.
3. Amaholo, nezinye izimali ezikhokhelwa okuthile kanye nokusizakala okukhokhelwa amalungu esishayamthetho kuvela ngqo esiKhwameni seMali yesiFundazwe.

118. Ukuvumeleka nokumbandakanyeka komphakathi kusishayamthetho
1. Isishayamthetho sesifundazwe kufanele –
a. senze kube lula ukuthi umphakathi umbandakanywe emsebenzini wokushaya imithetho neminye imisebenzi yesishayamthetho nasemakomiti aso; futhi
b. senze umsebenzi waso ngendlela esobala, sivumele umphakathi emihlanganweni yaso naleyo yamakomiti aso; kodwa, izinyathelo ezifanele zingathathwa ukuze –
i. kulawulwe ukufinyelela komphakathi, kumbandakanya ukufinyelela kwabezindaba, kusishayamthetho nasemakomitini aso; kanye
ii. nokuhlinzekela ukusesha noma yimuphi umuntu, futhi uma kunesidingo ukwenqatshelwa ukuba angene noma ukukhishwa kwanoma yimuphi umuntu.
2. Isishayamthetho sesifundazwe asinakukhiphela ngaphandle umphakathi, kubalwa nabezindaba, ukuba babe ingxenye yezithangamu zekomidi ngaphandle uma kunezizathu futhi kufanele ukwenza njalo emphakathini ovulelekile wentando yeningi.

119. Ukwethulwa kwemithethosivivinywa
Ngamalungu esiGungu esiPhethe sesifundazwe kuphela noma ekomiti noma ilungu lesishayamthetho sesifundazwe angethula uMthethosivivinywa kusishayamthetho; kodwa yilungu lesiGungu esiPhethe kuphela elibhekene nezindaba zezimali zesifundazwe, elingethula uMthethosivivinywa wemali kusishayamthetho.

120. IMithethosivivinywa yemali
1. UMthethosivivinywa unguMthethosivivinywa wemali uma –
a. waba imali;
b. wethwesa izintela zesifundazwe, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;
c. uqeda noma wehlisa, noma unikeza ukukhululwa ezinteleni, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe; noma
d. ugunyaza ukukhokhiswa ngqo kwesiKhwama seMali yesiFundazwe.
2. UMthethosivivinywa wemali wesifundazwe awunakubhekana nanoma yiluphi udaba ngaphandle –
a. kodaba oluncane oluhambisana nokwabiwa kwemali;
b. kokubekwa kwezintela, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;
c. kokunikeza ukukhululwa ezinteleni, izimali ezikhokhelwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu zesifundazwe;
d. kokugunyaza ukukhokhiswa ngqo kwesiKhwama seMali yesiFundazwe.
3. UMthetho wesifundazwe kufanele uhlinzekele inqubo engalandelwa isishayamthetho sesifundazwe esingachibiyela ngayo uMthethosivivinywa wemali.

[Isigaba se 120 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 3 soMthetho wesiKhombisa oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi-2001.]

121. Ukuvuma iMithethozivivinywa
1. UNdunankulu kufanele avume futhi asayine uMthethosivivinywa owemukelwe yisishayamthetho sesifundazwe ngokwalesi Sahluko noma, uma uNdunankulu engagculisekile ngokuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, kufanele awuphindisele kusishayamthetho ukuze siwucwaninge kabusha.
2. Uma ngemuva kokucwaningwa kabusha, uMthethosivivinywa ugculisa ngokwanele uNdunankulu, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine uMthethosivivinywa; uma kungenzeki lokho, uNdunankulu kufanele enze okunye kwalokhu -
1. avume futhi asayine uMthethosivivinywa; noma
2. awudlulisele eNkantolo Yomthethosisekelo ezonquma ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo.
3. Uma iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi uMthethosivivinywa uyahambisana noMthethosisekelo, uNdunankulu kufanele awuvume futhi awusayine.

122. Izicelo ezifakwa ngamalungu eNkantolo yoMthethosisekelo
1. Amalungu esishayamthetho angafaka isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi inkantolo ikhiphe umyalo wokuthi wonke noma ingxenye yoMthethosivivinywa awuhambisani nomthethosisekelo.
2. Isicelo –
a. kufanele sesekwe amavoti okungenani angamaphesenti angama 20 amalungu esishayamthetho; futhi
b. kufanele senziwe kungakapheli izinsuku ezingama 30 kusukela osukwini uNdunankulu awuvume futhi awusayine ngalo uMthetho.
3. INkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi wonke uMthetho noma ingxenye yawo okufakwe isicelo ngayo ngokwesigatshana soku-(1), angeke usebenze ngaphambi kokuthi iNkantolo ibe ikhiphe isinqumo ngesicelo uma –
a. izidingo zobulungiswa ziphoqelela lesi sinqumo; futhi
b. isicelo sinamathuba anele okuphemelela.
3. Uma isicelo singaphumeleli, futhi besingenathuba elanele lokuthi singaphumelela, iNkantolo yoMthethosisekelo inganquma ukuthi abafake isicelo bakhokhe izindleko.

123. Ukushicilelwa kweMithetho
UMthethosivivinywa ovunyiwe futhi wasayinwa nguNdunankulu uba nguMthetho wesifundazwe, kufanele ushicilelwe ngokushesha, futhi uqala ukusebenza lapho usushicilelwe noma ngosuku olunqunywe ngokoMthetho.

124. Ukugcinwa ngokuphepha kwemithetho yesifundazwe
Ikhophi esayiniwe yoMthetho wesifundazwe ingubufakazi obugcwele balokho okuqukethwe yilowo Mthetho, futhi ngemuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo Yomthethosisekelo ukuze iwugcine ngokuphepha.

IziPhathimandla zeziFundazwe

125. Igunya lokuphatha lesifundazwe
1. Amandla okuphatha isifundazwe abekwe kuNdunankulu waleso sifundazwe.
2. UNdunankulu usebenzisa amandla okuphatha ebambisene namanye amalungu oMkhandlu weziPhathimandla ngoku –
a. sebenzisa umthetho wesifundazwe esifundazweni;
b. sebenzisa yonke imithetho kazwelonke esemisebenzini esohlwini olukuSheduli yesi 4 noma eyesi 5 ngaphandle kwalapho uMthethosisekelo noma uMthetho wePhalamende uhlinzeka okwahlukile;
c. phathi esifundazweni, imithetho kazwelonke engaphandle kwemisebenzi esohlwini olukuSheduli yesi 4 kanye neyesi 5, ukuphatha kwayo osekwabelwe iziphathimandla zesifundazwe ngokoMthetho wePhalamende;
d. thuthukisa nokuphoqelela inqubomgomo yesifundazwe;
e. qondanisa imisebenzi yeziphathimandla zesifundazwe neminyango yaso;
f. lungiselela nokusungula imthetho yesifundazwe; kanye
g. nokwenza noma yimiphi eminye imisebenzi eyabelwe iziphathimandla zesifundazwe ngokoMthethosisekelo noma ngokoMthetho wePhalamende.
3. Isifundazwe sinamandla okuphatha ngokwesigatshana sesi-(2)(d) ngendlela esinamandla ngayo isifundazwe kunqike ekutheni isifundazwe sinekhono yini lokuphatha ngempumelelo. Uhulumeni kazwelonke, ngezinyathelo zomthetho noma ezinye, kufanele asize izifundazwe ukuthi zakhe ikhono elidingekayo lokuphatha ukuze zisebenzise ngempumelelo amandla futhi zenze nemisebenzi yazo ekubhekiswe kuyo esigatshaneni sesi (2).
4. Noma iyiphi ingxabano evelayo maqondana nekhono lokuphatha lesifundazwe mayelana nanoma yimuphi umsebenzi, kufanele idluliselwe kuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ukuze ixazululwe kungakapheli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokudluliselwa kuMkhandlu.
5. Ngokwesigaba se 100, ukusetshenziswa kwemithetho yesifundazwe esifundazweni kungamandla akhethekile eziphathimandla zesifundzwe kuphela.
6. Iziphathimandla zesifundazwe kufanele zisebenze ngokulandela –
a. uMthethosisekelo; kanye
b. nomthethosisekelo wesifundazwe, uma umthethosisekelo sewamukelwe yisifundazwe.

126. Ukwabiwa kwemisebenzi
1. Ilungu loMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe lingabela uMkhandlu kaMasipala, noma yimaphi amandla okufanele asetshenziswe noma umsebenzi okufanele wenziwe, ngokoMthetho wePhalamende, noma ngokoMthetho wesifundazwe. 2. Ukwabiwa –
a. kufanele kuhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu loMkhandlu weziPhathimandla noMkhandlu kaMasipala;
b. kufanele kuhambisane noMthetho ofanele amandla noma ukwenziwa komsebenzi; futhi
c.kuqala ukusebenza ngemuva kokumenyezelwa nguNdunankulu.

127. Amandla nemisebenzi yoNdunankulu
1. UNdunankulu wesifundazwe unamandla nemisebenzi futhi unikwe umsebenzi ngokwethenjwa kuleso sikhundla nguMthethosisekelo nanoma yimuphi omunye umthetho.
2. UNdunankulu wesifundazwe ubhekele okulandelayo -
a. ukwamukela nokusayina iMithethozivivinywa;
b. ukubuyisela uMthethosivivinywa emuva kwisishayamthetho sesifundazwe ukuze kubuyekezwe ukuhambisana kwawo noMthethosisekelo;
c. ukudlulisela uMthethosivivinywa eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze ikhiphe isinqumo ngokuhambisana kwawo noMthethosisekelo;
d. ukubizela isishayamthetho emhlanganweni ongejwayelekile ukuze senze umsebenzi okhethekile;
e. ukumisa amakhomishana ophenyo; kanye
f. nokumemezela uhlololuvo esifundazweni ngokulandela umthetho kazwelonke.

128. Ukukhethwa koNdunankulu
1. Emhlanganweni wawo wokuqala ngemuva kokhetho, nalapho kunesidingo sokuvala isikhala, isishayamthetho sesifundazwe kufanele sikhethe umuntu wesifazane noma wesilisa phakathi kwamalungu aso ukuthi abe nguNdunankulu wesifundazwe.
2. UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele angamele ukhetho lukaNdunankulu. Inqubo elandelwayo ebekwe eNgxenyeni A kuSheduli yesi-3 iyasebenza ekukhethweni kukaNdunankulu.

[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

3. Ukhetho lokugcwalisa isikhala esikhundleni sikaNdunankulu kufanele lubekelwe isikhathi nosuku nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kodwa zingakedluli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokuvela kwesikhala.

[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]

129. Ukuqala ukusebenza koNdunankulu
Umuntu okhethelwe isikhundla sikaNdunankulu kufanele aqale umsebenzi esikhundleni sikaNdunankulu zingakapheli izinsuku ezinhlanu ekhethiwe, ngokufunga noma ngokuqinisekisa ukwethembeka eRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo ngokweSheduli sesi 2.

130. Isikhathi esihlalwa esikhundleni nokususwa koNdunankulu
1. Isikhathi sikaNdunankulu sokuba sesikhundleni siqala lapho uNdunankulu engena esikhundleni futhi siphele uma kuvela isikhala noma uma umuntu olandelayo okhethelwe esikhundleni sokuba nguNdunankulu eqala umsebenzi wobuNdunankulu.
2. Akekho umuntu ovunyelwe ukuba sesikhundleni njengoNdunankulu isikhathi esingaphezulu kwamahlandla amabili, kodwa uma umuntu ekhethelwe ukuthi agcwalise isikhala esikhundleni sobuNdunankulu, isikhathi esiphakathi kokugcwalisa isikhala nokhetho olulandelayo, asithathwa njengesikhathi sobuNdunankulu kulowo muntu.
3. Isishayamithetho sesifundazwe, ngesivumelwano esithathwe ngokusekwa yivoti okungenani lamalungu aso amabili kwamathathu, singasusa esikhundleni uNdunankulu kuphela ngalezi zizathu –
a. zokwephulwa okubucayi koMthethosisekelo noma uMthetho;
zokuziphatha kabi; noma
b. zokwehluleka ukwenza imisebenzi yesikhundla leso.
4. Noma yimuphi umuntu osuswe esikhundleni sokuba nguNdlunankulu ngokwesigatshana sesi (3)(a) noma u (b) akanukuthola zinzuzo zaleso sikhundla, futhi akavunyelwe ukusebenza kunoma yiliphi ihhovisi likahulumeni.

131. AmaBamba oNdunankulu
1. Uma UNdunankulu engekho noma engakwazi ukufeza izidingo zomsebenzi kaNdunankulu, noma kunesikhala esikhundleni sikaNdunankulu, isiphathimandla singabamba njengoNdunankulu ngokulandelana ngale ndlela elandelayo -
a. Ilungu loMkhandlu weziPhathimandla eliqokwe nguNdunankulu.
b. Ilungu loMkhandlu weziPhathimandla eliqokwe ngamanye amalungu oMkhandlu.
c. USomlomo, isishayamthetho size siqoke omunye wamalungu aso.
2. IBamba likaNdunankulu linezibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu.
3. Ngaphambi kokuthatha izibopho, amandla nemisebenzi kaNdunankulu iBamba likaNdunankulu kufanele lifunge noma liqinisekise ukwethembeka eRiphabhuliki nokuthobela uMthethosisekelo, ngokweSheduli yesi 2.

132. Imikhandlu ePhethe
1. UMkhandlu weziPhathimandla wakhiwe nguNdunankulu, njengenhloko yoMkhandlu, kanye namalungu angekho ngaphansi kwamahlanu nangekho ngaphezulu kwayishumi aqokwe nguNdunankulu phakathi kwamalungu esishayamthetho sesifundazwe.
2. UNdunankulu wesifundazwe uqoka amalungu oMkhandlu weziPhathimandla,awanikeze amandla kanye nemisebenzi yawo, futhi angawasusa.

133. Ukuphendula nokuba nezibopho
1. Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe anesibopho ngemisebenzi yomkhandlu athweswe yona nguNdunankulu.
2. Amalungu oMkhandlu Ophethe esifundazwe aphendula ehlangene kanyekanye nanjengelungu ngalinye kusishayamthetho mayelana nokusetshenziswa kwamandla nokwenziwa kwemisebenzi yawo.
3. Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe kufanele –
a. asebenze ngokuhambisana noMthethosisekelo; futhi uma umthethosisekelo wesifundazwe uvunyiwe esifundazweni, nangokuhambisana nalowo mthethosisekelo; futhi
b. anikeze isishayamthetho imibiko ephelele nelethwa njalo emayelana nezindaba ezilawulwa yiwo.

134. Ukuqhubeka koMkhandlu weziPhathimandla ngemuva kokhetho
Uma kwenziwe ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, uMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe, namalungu awo ayaqhubeka nokusebenza kuze kukhethwe umuntu yisishayamthetho esilandelayo ukuba abe uNdunankulu futhi athathe isikhundla.

135. Izifungo neziqinisekiso
Ngaphambi kokuba amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe aqale ukwenza imisebenzi yezikhundla zawo, kufanele afunge noma aqinisekise ukuthi azokwethembeka eRiphabhuliki futhi athobele uMthethosisekelo, ngokuhambisana neSheduli yesi 2.

136. Ukuziphatha kwamalungu oMkhandlu weziPhathimandla
1. Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe kufanele asebenze ngokulandela uhlelo lokuziphatha olubekwe ngumthetho kazwelonke.
2. Amalungu oMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe akufanele –
a. enze nanoma imuphi omunye umsebenzi okhokhelwayo;
b. aziphathe ngendlela engahambisani nezikhundla zawo, noma azibeke kunoma yisiphi isimo esingadala ukuthi abonakale enobunzima bokwehlukanisa phakathi kwezintshisekelo zawo zomsebenzi nezintshisekelo zawo zangasese;
c. asebenzise isikhundla sawo noma yiluphi ulwazi aluphathisiwe, ukuzinothisa noma ukwenzela omunye umuntu inzuzo ngendlela engafanele.

137. Ukudluliswa kwemisebenzi
1. UNdunankulu angadlulisela elungwini loMkhandlu weziPhathimandla ngokusebenzisa isimemezelo –
a. ukusetshenziswa kwanoma yimuphi umthetho onikezwe elinye ilungu; noma
b. yinoma yimaphi amandla noma umsebenzi onikezwe elinye ilungu ngokomthetho.

138. Ukunikezwa kwemisebenzi okwesikhashana
UNdunankulu wesifundazwe anganikeza ilungu loMkhandlu weziPhathimandla noma yimaphi amandla noma umsebenzi welinye ilungu elingekho noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi.

139. Ukungenelela kwesifundazwe kuhulumeni wendawo
1. Uma umasipala ungakwazi noma ungafezi izibopho zawo zokuphatha ngokoMthethosisekelo noma ngokoMthetho, uMkhandlu weziPhathimandla othintekayo ungalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukufezwa kwezibophezelo, kumbandakanya –
a. ukukhipha umyalelo oya kuMkhandlu kaMasipala esichaza ibanga lokwehluleka ukufeza izibopho zawo futhi sisho izinyathelo okufanele zithathwe ukuze kuhlangatshezwe izibopho zawo.
b. ukuqhuba umsebenzi wezibopho ezithile kulowo masipala ngendlela efanele ukuze –
i. kugcinwe amazinga abalulekile kazwelonke noma kuhlangatshezwane namazinga amisiwe okungafanele ehliswe okwethulwa kwezidingo;
ii. kunqandwe lowo Mkhandlu kaMasipala ukuze ungathathi izinyathelo ezingafanele ezikhinyabeza izintshisekelo zomunye umasipala noma zesifundazwe sonke; noma
iii. kugcinwe ubumbano lomnotho; noma
c. kuhlakazwe uMkhandlu kaMasipala bese kubekwa umlawuli kuze kube sekumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha, uma izimo ezithile zihambisana nalesi sinyathelo.
2. Uma umkhandlu weziphathimandla ungenelela odabeni lukamasipala ngokwesigatshana soku (1)(b) –
a. kufanele ufake isaziso esibhaliwe sokungenelela udaba -
i. elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni basekhaya; kanye
ii. nakusishayamthetho esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kungakapheli izinsuku ezi 14 ngemuva kokuqala ukungenelelwa kodaba;
b. ukungenelelwa kodaba kufanele kuphele uma –
i. ilungu leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni basekhaya likugxeka ukungenelela udaba kungakapheli izinsuku ezingama 28 ngemuva kokuqala kokungenelelwa kodaba noma uma ekupheleni kwaleso sikhathi lingakakuvumeli ukungenelelwa kodaba; noma
ii. uMkhandlu ukugxeka ukungenelela udaba kungakapheli izinsuku eziyi 180 ngemuva kokuqala kokungenelelwa kodaba noma uma ekupheleni kwaleso sikhathi ungakakuvumeli ukungenelelwa kodaba; futhi
c. uMkhandlu kufanele, ngenkathi ukungenelelwa kodaba kusaqhubeka, ubukeze ukungenelela lokho njalo futhi ungenza noma yiziphi iziphakamiso ezifanele kusishayamthetho sesifundazwe.
3. Uma uMkhandlu kaMasipala uhlakazwa ngokwesigatshana sesi (1)(c)-
a. iziphathimandla zesifundazwe kufanele masishane zilethe isaziso esibhaliwe sokuwuchitha –
i. elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni besakhaya; kanye
ii. nakusishayamthetho sesifundazwe esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe; futhi
b. ukuhlakazwa kuqala ukusebenza ezinsukwini eziyi 14 ukusuka osukwini lokuthola isaziso nguMkhandlu ngaphandle kwalapho sibekelwe eceleni yilelo lungu leKhabhinethi noma nguMkhandlu ngaphambi kokuphela kwalezo zinsuku eziyi 14.
4. Uma umasipala ungakwazi noma ungazifezi izibopho ngokoMthethosisekelo noma ngokomthetho zokugunyaza isabelozimali noma ezinye ezinye izinyathelo zokungenisa imali ezidingekayo ukuze kuphunyeleliswe ukusetshenziswa kwesabelozimali, iziphathimandla zesifundazwe eziqondene kufanele zingenelele odabeni ngokuthatha noma yiziphi izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi isabelozimali noma lezo zinyathelo zokungenisa imali ziyavunywa, kumbandakanya nokuchithwa koMkhandlu kaMasipala futhi –
a. baqoke umlawuli kuze kube sekumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha; futhi
b. bavume isabelozimali sesikhashana noma izinyathelo zokungenisa imali ukubonelela ukusebenza okuqhutshekiswayo kukamasipala.
5. Uma umasipala, ngenxa yenkinga ezindabeni zakhe zezezimali, ephula noma elokhu eqhubeka nokwephula izibopho zakhe zokuhlinzekela ngezidingo eziyisisekelo noma ukuhlangabeza izibopho zakhe zezezimali, noma uvuma ukuthi awukwazi ukuhlangabeza izibopho zawo noma izibopho zezezimali, iziphathimandla zesifundazwe eziqondene kufanele –
a. zibeke uhlelo lokusindisa oluqondiswe ekuqiniseni ikhono likamasipala lokuhlangabezana nezibopho zakhe zokuhlinzekela ngezidingo eziyisisekelo noma izibopho zezezimali, okufanele –
i. zilungiswe ngokulandela umthetho kazwelonke; futhi
ii. ezibophezela umasipala ekusebenziseni igunya lawo lomthetho neleziphathimandla, kodwa ngendlela efanele ukuxazulula inkinga ezindabeni zawo zezezimali; futhi
b. zihlakaze uMkhandlu kaMasipala, uma umasipala ungakwazi noma ungazivumi izinyathelo zomthetho, kumbandakanywa isabelozimali nanoma yiziphi izinyathelo zokungenisa imali, ezidingekayo ukuze kuqaliswe uhlelo lokusindisa, futhi –
i. uqoke umlawuli kuze kube sekumenyezelwa ukuthi sekukhethwe uMkhandlu kaMasipala okhethwe kabusha; futhi
ii. uvumele isabelozimali sesikhashana nanoma yiziphi izinyathelo zokungenisa imali zesikhashana ukuze kuqaliswe uhlelo lokusindisa ukuhlinzekelela ukusebenza okuqhubekayo kukamasipala; noma
c. uma uMkhandlu kaMasipala ungachithwa ngokwendima (b), ziqale umsebenzi wokusetshenziswa kohlelo lokuwuhlenga ngendlela lapho umasipala ungeke akwazi noma angeke akwazi ngenye indlela ukusebenzisa uhlelo lokuwuhlenga.
6. Uma iziphathimandla zesifundazwe zingenelela kumasipala ngokwesigatshana sesi (4) noma sesi (5), kufanele zifake isaziso esibhaliwe sokungenelela udaba –
a. elungwini leKhabhinethi elibhekene nezindaba zohulumeni basekhaya; kanye
b. nakusishayamthetho sesifundazwe esifanele kanye nakuMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe, kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngemuva kokuqala kokungenelela odabeni.
7. Uma iziphathimandla zesifundazwe zingakwazi noma zingakwenzi noma zingawasebenzisi ngokwenele amandla noma zenza imisebenzi okubhekiswe kuyo ezigatshaneni sesi (4) noma sesi (5), iziphathimandla zikazwelonke kufanele zilungenelele udaba ngokwesigatshana sesi (4) noma sesi (5) esikhundleni seziphathimandla zesifundazwe eziqondene.
8. Umthetho kazwelonke unganquma indlela okuzosetshenziswa ngayo lesi sigaba, kumbandakanya nezinqubo ezisungulwe yilesi sigaba.

[Isigaba se 139 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]

140. Izinqumo zeziPhathimandla
1. Isinqumo sikaNdunankulu kufanele sibhalwe phansi uma –
a. sithathwe ngokomthetho; noma
b. sinemiphumela yasemthethweni.
2. Isinqumo esibhalwe nguNdunankulu kufanele siphinde sisayinwe ngelinye ilungu loMkhandlu weziPhathimandla uma ngabe leso sinqumo sithinta umsebenzi onikezwe lelo lungu.
3. Izimemezelo, imithetho kanye namanye amathuluzi emithetho emncane yesifundazwe kufanele umphakathi ukwazi ukufinyelela kuyona.
4. Umthetho wesifundazwe ungacacisa indlela, kanye nebanga amathuluzi emithetho eshiwo kusigatshana sesi (3) okufanele -
a. yethulwe ngayo phambi kwesishayamthetho sesifundazwe; futhi
b. yamukelwe yisishayamthetho sesifundazwe.

141. Iziphakamiso zokungethembeki
1. Uma isishayamthetho sesifundazwe, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, semukela isiphakamiso sokuthi uMkhandlu weziPhathimandla zesifundazwe ngaphandle kukaNdunankulu, awusathembekile kusishayamthetho, uNdunankulu kufanele awakhe kabusha uMkhandlu.
2. Uma isishayamthetho sesifundazwe, ngevoti elesekwe yiningi lamalungu aso, semukela isiphakamiso sokuthi uNdunankulu akasethembekile kusona, uNdunankulu namanye amalungu oMkhandlu weziPhathimandla kufanele bashiye izikhundla.

Imithethosisekelo Yezifundazwe

142. Ukwamukelwa kwemithethosisekelo yezifundazwe
Isishayamthetho sesifundazwe singemukela umthethosisekelo wesifundazwe noma, lapho kungenzeka khona, sichibiyele umthethosisekelo waso, uma okungenani ababili kwabathathu bamalungu aso bevote beseka uMthethosivivinywa.

143. Okuqukethwe yimithethosisekelo yezifundazwe
1. Umthethosisekelo wesifundazwe, noma isichibiyelo somthethosisekelo, akufanele kungahambisani nalo Mthethosisekelo, kodwa kungahlinzekela –
a. izinhlaka zesifundazwe zokushaya imithetho nezokuphatha nezinqubo ezehlukile kulezo ezihlinzekelwe kulesi Sahluko; noma
b. ubukhosi bendabuko, iqhaza labo, amagunya kanye nesimo sesikhundla senkosi yendabuko, lapho kusebenza khona.
2. Imibandela efakwe kumthethosisekelo wesifundazwe noma izichibiyelo zomthethosisekelo ngokwendima (a) noma (b) yesigatshana soku-(1) –
a. kufanele ihambisane nesigaba soku 1 kanye neSahluko sesi 3; futhi
b. ayinakunikeza isifundazwe amandla noma imisebenzi ewela –
i. ngaphandle kwezinga lamandla esifundazwe ngokweSheduli yesi 4 noma eyesi 5; noma
ii. ngaphandle kwamandla nemisebenzi enikezwe isifundazwe ngezinye izigaba zoMthethosisekelo.

144. Ukuqinisekiswa kwemithethosisekelo wezifundazwe
1. Uma isishayamthetho sesifundazwe sesamukele noma sichibiyela umthethosisekelo, uSomlomo wesishayamthetho kufanele ahambise umbhalo woMthethosisekelo noma wezichibiyelo zoMthethosisekelo eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze uqinisekiswe.
2. Akukho mbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma izichibiyelo zomthethosisekelo okuba ngumthetho ngaphambi kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo iqinisekise –
a. ukuthi umbhalo wamukelwe ngokulandela isigaba se 142; kanye
b. nokuthi wonke umbhalo uhambisana nesigaba se 143.

145. Ukusayinwa, ukushicilelwa nokugcinwa ngokuphepha kwemithethosisekelo yezifundazwe
1. UNdunankulu wesifundazwe kufanele avume futhi asayine umbhalo womthethosisekelo wesifundazwe noma ukuchibiyelwa komthethosisekelo oqinisekiswe yiNkantolo yoMthethosisekelo.
2. Umbhalo ovunyiwe wasayinwa nguNdunankulu kufanele ushicilelwe kuSomqulu kaHulumeni kazwelonke futhi uqala ukusebenza ngenkathi ushicilelwa noma ngosuku lwakamuva olunqunywe ngokwalowo mthethosisekelo noma ukuchibiyelwa kwawo.
3. Umbhalo osayiniwe womthethosisekelo wesifundazwe noma wokuchibiyela umthethosisekelo ungubufakazi obuphelele bemibandela yawo futhi, emuva kokushicilelwa, kufanele unikezwe iNkantolo yoMthethosisekelo ukuba iwugcine ngokuphepha.

Ukungqubuzana koMthetho

146. Ukungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nomthetho wesifundazwe
1. Lesi sigaba sisebenza lapho kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nowesifundazwe okungena emsebenzini owenziwayo osohlwini lweSheduli yesi 4.
2. Umthetho kazwelonke osebenza ngendlela efanayo ezweni lonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma noma yimiphi yemibandela elandelayo ihlangatsheziwe:
a. Umthetho kazwelonke uphathelene nodaba olungakwazi ukulawulwa ngomthetho owenziwe umthetho yizifundazwe ngazinye.
b. Umthetho kazwelonke ubheke udaba lokuthi, ukuze ludingidwe ngempumelelo, kufanele izinto zenziwe ngendlela efanayo ezweni lonke, futhi umthetho kazwelonke uhlinzekela ngendlela efanayo ngokuthi umise –
i. izinkambiso namazinga;
ii. izinhlaka; noma
iii. imigomo kazwelonke.
c. Umthetho kazwelonke udingelwa –
i. ukugcinwa kokuphepha kwezwe;
ii. ukugcinwa kobumbano lwezomnotho;
iii. ukuvikelwa kwezimakethe ezihlanganyelwe mayelana nokunyakaza kwempahla, izinsizo zomphakathi, izimali kanye namandla okusebenza;
iv. ukukhuthaza izenzo zomnotho nangale kwemingcele yezifundazwe;
v. ukukhuthaza amathuba alinganayo kanye nokufinyeleleka okufanayo kuzinzizo zikahulumeni; noma
vi. ukuvikeleka kwendawo okuphilwa kuyo.
3. Umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe uma umthetho kazwelonke uqondiswe ekunqandeni izenzo ezingafanele zesifundazwe –
a. ezingakhinyabeza umnotho, impilo noma izidingo zokuphepha zesinye isifundazwe noma zezwe lonke; noma
b. ezivimbezela ukwenziwa kwemigomo kazwelonke yomnotho.
4. Lapho kukhona ukushayisana mayelana nokuthi ngabe umthetho kazwelonke uyadingeka yini ngokwenhloso ebekwe kusigatshana sesi-(2)(c) futhi nalokho kushayisana kuvela ngaphambi kwenkantolo ukuze kuxazululwe, inkantolo kufanele ibheke ngokufanele ukugunyazwa noma ukunqatshwa komthetho nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.
5. Umthetho wesifundazwe ubusa umthetho kazwelonke uma isigatshana sesi (2) noma sesi (3) singasebenzi.
Umthetho oshaywe ngokoMthetho wePhalamende noma uMthetho wesifundazwe ungabusa kuphela uma lowo mthetho wamukelwe nguMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe.
6. Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungafinyeleli ekuthatheni isinqumo kungakapheli izinsuku ezingama 30 zokuhlangana kwawo kokuqala ngemuva kokuba umthetho wedluliselwe kuwona, lowo mthetho kufanele uthathwe ngokuthi ngazo zonke izinhloso wamukelwe uMkhandlu.
7. Uma uMkhandlu kaZwelonke weziFundazwe ungawemukeli umthetho odluliselwe kuwona ngokwesigatshana sesi (6), kufanele, kungakapheli izinsuku ezingama 30 ngemuva kwesinqumo sawo, unikeze ngezizathu zokuthi kungani ungawemukeli lowo mthetho kuleso siphathimandla esiwudlulisile.

147. Okunye ukungqubuzana
1. Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho kazwelonke nemibandela yomthethosisekelo wesifundazwe mayelana –
a. nodaba oluthinta lo Mthethosisekelo ngqo oludinga noma oluhlongoza ukushaywa komthetho kazwelonke, umthetho kazwelonke uyabusa ngaphezu kwalowo mbandela womthethosisekelo wesifundazwe esithintekile;
b. nokungenelela komthetho kazwelonke ngokwesigaba sama 44(2), umthetho kazwelonke ubusa ngaphezu kombandela womthethosisekelo wesifundazwe; noma
c. nodaba oluphakathi kwemisebenzi esohlwini olukuSheduli yesi 4, isigaba se 146 sisebenza sengathi umbandela othintekile womthethosisekelo wesifundazwe ungumthetho wesifundazwe okubhekiswe kuwo kuleso sigaba.
2. Umthetho kazwelonke okubhekiswe kuwo esigabeni sama 44(2) ubusa ngaphezu komthetho wesifundazwe mayelana nezindaba eziphakathi kwemisebenzi esohlwini olukuSheduli yesi 5.

148. Ukungqubuzana okungaxazululeki
Uma ingxabano emayelana nokushayisana ingakwazi ukuxazululwa yinkantolo, umthetho kazwelonke ubusa ngaphezulu komthetho wesifundazwe noma komthethosisekelo wesifundazwe.

149. Isimo somthetho ongasebenzi ngaphezu komunye
Isinqumo senkantolo sokuthi umthetho ubusa ngaphezulu komunye umthetho asiwuqedi lowo mthetho omunye, kodwa lowo mthetho omunye awube usasebenza ngesikhathi kusenokungqubuzana.

150. Ukuhunyushwa kokungqubuzana
Uma kudingidwa ukungqubuzana okubonakala kukhona phakathi komthethto kazwelonke nowesifundazwe, noma phakathi komthetho kazwelonke nomthethosisekelo wesifundazwe, zonke izinkantolo kufanele ziqoke noma okuphi ukuhunyushwa komthetho okufanele noma komthethosisekelo okuvimbela ukungqubuzana, ngaphezu kokunye ukuhunyushwa okubangela ungquzulwano.