UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isahluko 3

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isahluko 3: Uhulumene obumbene

40. Uhlumeni weRiphabhuliki
1. ERiphabhuliki, uhulumeni ubunjwe waba yimikhakha kazwelonke, yezifundazwe kanye neyezindawo, engafani, enobudlelwano nehlobene.
2. Yonke imikhakha kahulumeni kufanele iqaphele futhi ilandele imigomo ebekwe kulesi saHluko futhi kufanele yenze imisebenzi yayo ngokulandela uhlaka olunikezwa yisaHluko.

41. Imigomo kahulumeni obumbane kanye nobudlelwane obuphakathi kohulumeni
1. Yonke imikhakha kahulumeni nazo zonke izingxenye zombuso emkhakheni ngamunye kufanele –
a. zigcine uxolo, ubumbano lwesizwe, nokungahlukaniseki kweRiphabhuliki;
b. ziphephise inhlalakahle yabantu baseRiphabhuliki;
c. zihlinzeke ngokuphathwa kweRiphabhuliki yonkana okusebenza ngempumelelo, okusobala nokuhlangene;
d. zethembeke kuMthethosisekelo, kuRiphabhuliki nakubantu bayo;
e. zihloniphe isimo somthethosisekelo, izikhungo, amandla kanye nemisebenzi kahulumeni kweminye imikhakha;
f. zingazithatheli noma yimaphi amanye amandla noma imisebenzi ngaphandle kwaleyo eziyinikezwe ngokoMthethosisekelo;
g. zisebenzisi amandla azo zenze imisebenzi yazo ngendlela engagxambukeli ezindaweni, emisebenzini noma kubuqotho bezikhungo zikahulumeni komunye umkhakha; futhi
h. zisebenzisane ngokwethembana nangomoya omuhle -
i. ngokwakha ubudlelwane obunokuzwana;
ii. ngokusizana nokwesekana;
iii. ngokwazisana, kanye nangokubonisana mayelana nezindaba ezizithinta ngokufanayo;
iv. ngokuqondanisa ezikwenzayo kanye nemithetho eshaywayo;
v. ngokulandela izinqubo okuvunyelwene ngazo; kanye
vi. nangokugwema ukwethwesana amacala ngaphambi komthetho.
2. UMthetho wePhalamende kufanele -
a. usungule noma uhlinzekele izakhiwo nezikhungo zokukhuthaza nokuqhubekisa ubudlelwane phakathi kohulumeni; futhi
b. uhlinzekele indlela efanele yokusebenza kanye nezinqubo zokuqgugquzela ukuxazululwa kwezingxabano eziphakathi kohulumeni.
3. Ingxenye yombuso ethintekayo ezingxabanweni eziphakathi kohulumeni kufanele yenze yonke imizamo efanele ukuxazulula leyo ngxabano ngokusebenzisa izindlela nezinhlelo ezibekelwe leyo nhloso, futhi kufanele isebenzise yonke eminye imigudu ekhona ngaphambi kokudlulisela udaba enkantolo ukuba ixazulule leyo ngxabano.
4. Uma inkantolo ingagculisekile ukuthi izidingo zesigatshana sesi (3) azifeziwe, ingayibuyisela leyo ngxabano kulezo zingxenye zombuso ezithintekile.