UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isahluko 1

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isahluko 1: Imibandela Yokwesekwa

1. IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika
1. IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ingumbuso ozimele wentando yeningi owesekwe phezu kwezibopho ezilandelayo:
a. Isithunzi sobuntu, ukuzuza ukulingana nenqubekela phambili yamalungelo esintu nenkululeko.
b. Ukungabandlululi ngokobuhlanga nangokobulili.
c. Ubukhulu bomthethosisekelo nokubusa komthetho.
d. Ilungelo lokuvota kwabobonke abantu abadala, uhlu lwabo bonke abavoti, ukhetho olwenziwa njalo ngezikhathi ezimisiwe nohlelo lwamaqembu amaningi kuhulumeni wentando yeningi, ukuze kuqinisekiswe ukubhekelela, ukunakekela nokuvuleleka.

2. Ubukhulu boMthethosisekelo
Lo Mthethosisekelo ungumthetho omkhulu weRiphabhulikhi; umthetho noma isenzo esingahambisani nawo asikho emthethweni, futhi izibopho ezibekwe yiwo kufanele zilandelwe.

3. Ubuzwe
1. Ubuzwe bezakhamuzi zaseNingizimu Afrika buyafana.
Zonke izakhamuzi -
a. zinegunya elilinganayo lokuthola amalungelo, ilungelomvume nezinzuzo zobuzwe; futhi
b. zethweswe ngokulinganayo izibopho nemithwalo ehambisana nobuzwe.
2. Umthetho kazwelonke kufanele uhlinzekele ukutholakala, ukulahlekelwa nokubuyiselwa kobuzwe.

4. Iculo lesizwe
Iculo lesizwe laseRiphabhuliki linqunywa nguMongameli ngokwenza isimemezelo.

5. Ifulegi lesizwe
Ifulegi lesizwe laseRiphabhuliki linombala omnyama, osagolide, oluhlaza okotshani, omhlophe, obomvu noluhlaza okwesibhakabhaka, njengoba lichaziwe futhi ladwetshwa esiThasiselweni soku 1.

6. Izilimi
1. Izilimi ezisemthethweni eRiphabhuliki iSepedi, iSesotho, iSetswana, iSiswati, iTshivenda, iXitsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa nesiZulu.
2. Ngokubuka umlando wokwehla kokusetshenziswa nezinga lezilimi zendabuko zabantu bethu, umbuso kufanele uthathe izinyathelo ezingasebenza zinenqubekela phambili ukuphakamisa izinga nokudlondlobalisa ukusetshenziswa kwalezi zilimi.
3. a. Uhulumeni kazwelonke nohulumeni bezifundazwe bangasebenzisa noma yiziphi izilimi ezithile ezisemthethweni emsebenzini kahulumeni, ngokubheka ukusetshenziswa kwalezo zilimi, isidingo, izindleko, izimo zezifunda, kanye nokuqhathaniswa kwezidingo nalokho okuthandwa ngumphakathi wonkana noma okuthandwa esifundazweni esithintekile; kodwa uhulumeni kazwelonke noma uhulumeni wesifundazwe ngasinye kufanele asebenzise okungenani izilimi ezimbili ezisemthethweni.
b. Omasipala kufanele babhekele ukusetshenziswa kwezilimi nokuthandwa kwazo izakhamuzi.
4. Uhulumeni kazwelonke nohulumeni bezifundazwe, kufanele balawule futhi baqaphe ukusetshenziswa kwezilimi ezisemthethweni ngokuthi basebenzise izinyathelo zomthetho kanye nezinye. Ngaphandle kokuphambuka kumibandela yesigatshana sesi-(2), zonke izilimi ezisemthethweni kufanele zihlonishwe ngokufanayo futhi ziphathwe ngendlela efanayo.
5. IBhodi yeziLimi zonke zaseNingizimu Afrika esungulwe ngomthetho kazwelonke kufanele -
a. ikhuthaze, futhi yakhe izimo ezilungele ukuthuthukiswa nokusetshenziswa -
i. kwazo zonke izilimi ezisemthethweni;
ii. kolimi lwamaKhoi, amaNama namaSan; kanye
iii. nolimi lwabakhuluma ngezandla; futhi
b. ikhuthaze iphinde iqinisekise ukuhlonishwa -
i. kwazo zonke izilimi ezivame ukusetshenziswa emiphakathini yaseNingizimu Afrika ezimbandakanya isiJalimani, isiGrikhi, isiGujerati, isiHindi, isiPhuthukezi, isiTamil, isiTelegu, nesi-Urdu; kanye
ii. nesi-Arabhu, isiHebheru, isiSanskrit nezinye izilimi ezisetshenziselwa ezenkolo eNingizimu Afrika.