UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isheduli 6

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isheduli 6: Amalungiselelo Esikhashana

[Isheduli yesi 6 ichibiyelwe yisigaba sesi 3 soMthetho Wokuqala Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1997, nayisigaba sesi 5 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998 kanye nayisigaba sama 20 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

1. Izincazelo
Kule Sheduli, ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo —
“isabelo” kushiwo ingxenye yeRiphabhuliki, eyayithathwa njengendawo ezimele noma ezibusayo ngomthetho waseNingizimu Afrika, ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo wangaphambili uqale ukusebenza;

“uMthethosisekelo omusha” kushiwo uMthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika we 1996;

“imithetho yohlelo oludala” kushiwo imithetho eyashaywa ngaphambi kokuba uMthethosisekelo ongaphambi kwalo uqale ukusebenza;

“UMthethosisekelo owandulela lo” kushiwo uMthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika, we 1993 (uMthetho wama 200 we 1993).

2. Ukuqhubeka kwemithetho esikhona
1. Wonke umthetho owawusebenza uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka nokusebenza, kodwa kuye ngokuthi –
a. uchishiyelwe noma ususiwe yini; kanye
b. nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
2. Umthetho wohlelo oludala oqhubeka ukusebenza ngokwephuzwana loku 1 –
a. awunakusetshenziswa okubanzi, ngokwendawo nangayiphi enye indlela, kunngesikhathi sangaphambili kokuthi uMthethosisekelo ongaphambi kwalona uqale ukusebenza ngaphandle kwalapho uye waguqulwa ukuze usebenze kabanzana; futhi
b. Uyaqhubeka nokuphathwa yilezo ziphathimandla ezaziwuphethe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ngendlela ephawulwe nguMthethosisekelo omusha.

3. Ukuhunyushwa komthetho okhona
1. Ngaphandle kwalapho kungahambisani nalokho okuhlosiwe noma ngokucacile okungafanele, okushiwo kunoma yimuphi umthetho owawukhona lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza –
a. kuRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika noma ngesabelo(ngaphandle kwalapho ukhuluma ngendawo engeyabathile), kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma ngeRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
b. kuPhalamende, esiGungwini Sikazwelonke noma eMkhandlwini weziGele kufanele kuthathwe ngokuthi usho iPhalamende, isiGungu Sikazwelonke noma uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
c. kuMongameli, iPhini Eliphethe LikaMongameli, uNgqongqoshe, iPhini LikaNgqongqoshe noma iKhabhinethi, kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma ngoMongameli, iPhini LikaMongameli, uNgqongqoshe, iPhini LikaNgqongqoshe noma iKhabhinethi ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kulawulwe yiphuzu lesi 9 lale Sheduli;
d. kuMongameli Womkhandlu Wezigele, kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma ngoSihlalo woMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke;
e. kusishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu noma ilungu loMkhandlu Omkhulu wesifundazwe kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma ngesishayamthetho sesifundazwe, uNdunankulu, uMkhandlu Omkhulu noma ilungu loMkhandlu Omkhulu ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kulawulwe yiphuzu u 12 lale Sheduli; noma
f. ngolimi noma izilimi ezisemthethweni, kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma nganoma yiluphi ulimi olusemthethweni ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
2. Ngaphandle uma kungahambisani nokuhlosiwe noma kungafanele ngokucacileyo, okushiwoyo kunoma yimuphi umthetho wohlelo lwakudala –
a. kuPhalamende, eNdlini yePhalamende noma umkhandlu wokushaya imithetho, noma inhlangano yeRiphabhuliki noma yesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi ukhuluma –
i. ngePhalamende ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma le Sheduli emkhandlwini ophethe kazwelonke; noma
ii. ngesishayamthetho sesifundazwe, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe, ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma kwale Sheduli emkhandlwini ophethe wesifundazwe; noma
b. kuMongameli Wezwe, uNgqongqoshe oMkhulu, uMlawuli noma omunye umphathi omkhulu, iKhabhinethi, uMkhandlu WoNgqongqoshe noma umkhandlu ophethe weRiphabhuliki noma wesabelo, kufanele kuthathwe ngokuthi kukhulunywa– 1. ngoMongameli ngaphansi komthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma ngokwale Sheduli emkhandlwini ophethe kazwelonke; noma 1. ngoNdunankulu wesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, uma ukuphathwa kwalowo mthetho kwabelwe noma kunikezelwe ngokoMthethosisekelo ongaphambi kwalona noma ngokwale Sheduli emkhandlwini ophethe wesifundazwe.

4. Isigungu Sikazwelonke
1. Noma yimuphi umuntu owabe eyilungu noma owabe esesikhundleni sesiGungu Sikazwelonke lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yilungu noma umphathisikhundla esiGungwini Sikazwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi uphatha isikhundla njengelungu noma umphathisikhundla ngokoMthethosisekelo omusha.
2. IsiGungu Sikazwelonke njengoba sakhiwe ngokwephuzwana loku (1), kufanele sithathwe ngokuthi singokhethwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha sikhethelwa isikhathi esiphela mhla zi 30 Ephreli 1999.
3. IsiGungu Sikazwelonke sakhiwe ngamalungu angama 400 esikhathini esiphela mhla zi 30 Ephreli 1999, kuye ngesigaba sama 49(4) soMthethosisekelo omusha.
4. Imitheshwana nemiyalo yesiGungu Sikazwelonke ebisebenza ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, iyaqhubeka nokusebenza, kodwa kuye ngokuchibiyela noma yikuphi noma ukupheliswa.

5. Umsebenzi ongaqedwanga ophambi kwePhalamende
1. Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kwePhalamende lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele uqhutshekwe ngokoMthethosisekelo omusha.
2. Noma yimuphi umsebenzi ongaphelile phambi kweziGele lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza kufanele uyiswe kuMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, futhi uMkhandlu kufanele uqhubeke nalowo msebenzi ngokoMthethosisekelo omusha.

6. Ukukhethwa kwesigungu Sikazwelonke
1. Kungebanjwe ukhetho lesiGungu Sikazwelonke ngaphambi kwamhla zi 30 Ephreli 1999 ngaphandle kwalapho uMkhandlu uhlakazwa njengokubeka kwesigaba sama 50(2) ngemuva kokuthathwa kwesinqumo sokungamethembi uMongameli ngokwesigaba se 102(2) soMthethosisekelo omusha.
2. Isigaba sama 50(1) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube mhla zi 30 Ephreli 1999.
3. Ngaphandle kokupheliswa koMthethosisekelo ongaphambi kwalona, iSheduli yesi-2 yalowo Mthethosisekelo, njengoba ichitshiyelwe yisijobelelo A sale Sheduli, iyasebenza –
a. okhethweni lokuqala lesigungu Sikazwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
b. ekulahlekelweni ubulungu besiGungu ezimweni ezingaphandle kwezihlinzekelwe esigabeni sama 47(3) soMthethosisekelo omusha; kanye
c. nasekugcwaliseni izikhala esiGungwini, nokugcwaliselwa, ukuhlolwa kabusha, nokusetshenziswa kwezinhla zeqembu ukuze kugcwaliswe izikhala, kuze kube ukhetho lwesibili lesiGungu ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
4. Isigaba sama 47(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa kuze kube wukhetho lwesibili lesigungu Sikazwelonke ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

7. UMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke
1. Esikhathini esiphela masishane ngaphambi kokuhlala komhlangano wokuqala wesishayamthetho sesifundazwe obanjwe ngemuva kokhetho lwaso lokuqala ngaphansi koMthethosisekelo omusha –
a. ubungako bokumelwa yizithunywa ezimele amaqembu ethimbeni lezithunywa lesifundazwe eMkhandlwini Wezifundazwe Kazwelonke kufanele kufane nobungako bezigele eziyi 10 zesifundazwe ezaziphakanyiswe ngokwesigaba 48 soMthethosisekelo ongaphambi kwalona; futhi
b. ukwabelwa kwezithunywa ezisezikhundleni unomphela kanye nezithunywa ezikhethekile emaqenjini amelwe kusishayamthetho sesifundazwe, kunjengokulandelayo -

Isifundazwe
Izithunywa Ezisesikhundleni Unomphela
Izithunywa Ezikhethekile
1. IMpumalanga Kapa
ANC 5, NP 1
ANC 4
2. IFreyistata
ANC 4, FF 1, NP 1
ANC 4
3. Gauteng
ANC 3, DP 1, FF 1, NP 1
ANC 3, NP 1
4. KwaZulu-Natali
ANC 1, DP 1, IFP 3, NP 1
ANC 2, IFP 2
5. IMpumalanga
ANC 4, FF 1, NP 1
ANC 4
6. INyakatho Kapa
ANC 3, FF 1, NP 2
ANC 2, NP 2
7. ILimpopo
ANC 6
ANC 4
8. Inyakatho-Ntshonalanga
ANC 4, FF 1, NP 1
ANC 4
9. INtshonalanga Kapa
ANC 2, DP 1, NP 3
ANC 1, NP 3


2. Iqembu elimelwe kusishayamthetho sesifundazwe –
a. kufanele liphakamise izithunywa zalo ezisesikhundleni unomphela phakathi kwabantu ababeyizigele lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza futhi abangabakhona ukuze basebenze njengezithunywa ezisezikhundleni unomphela; futhi
b. lingaphakamisa abanye abantu njengezithunywa ezisesikhundleni unomphela kuphela uma kungekho noma kutholakala inani elingenele lababeyizigele zalo alanele.
3. Isishayamthetho sesifundazwe kufanele siqokele esikhundleni izithunywa zaso ezisesikhundleni unomphela ngokuhambisana namagama aphakanyiswe ngamaqembu.
4. Iphuzwana lesi (2) nelesi (3), asebenza kuphela ekuqokweni kokuqala kwezithunywa ezisesikhundleni unomphela zoMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke.
5. Isigaba sama 62(1) soMthethosisekelo omusha asisebenzi ekuphakanyisweni kwamagama nasekuqokelweni esikhundleni kwababeyizigele njengezithunywa ezisesikhundleni unomphela ngokwaleli phuzu.
6. Imithethwana nemiyalo yeziGele ebisebenza ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele isetshenziswe mayelana nemisebenzi yoMkhandlu kaZwelonke kangangoba ingasetshenziswa, kuye nganoma yikuphi ukuchiyelwa noma ukuchithwa.

8. Ababeyizigele
1. Owayeyisigele ongaqokelwanga ukuba yisithunywa esisesikhundleni unomphela eMkhandlwini Wezifundazwe Kazwelonke unelungelo lokuba yilungu eliphelele elingavota lesishayamthetho sesifundazwe leso ayephakanyiswe kuso njengesigele ngokwesigaba sama 48 somthethosisekelo wangaphambili.
2, Uma owayeyisigele ekhetha ukungabi yilungu lesishayamthetho sesifundazwe lowo muntu uthathwa ngokuthi wesulile esikhundleni sokuba yisigele ngosuku olwendulela uMthethosisekelo omusha oqale ngalo ukusebenza.
3. Iholo, izibonelelo, kanye nezinzuzo zowayeyisigele oqokelwe esikhundleni sokuba yisithunywa esisesikhundleni unomphela noma njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe azinakuncishiswa ngenxa yokuqokwa lokho.

9. UMkhandlu Ophethe
1. Noma yimuphi umuntu owayenguMongameli, iPhini LikaMongameli Eliphethe, uNgqongqoshe noma iPhini LikaNgqongqoshe ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona, ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla ngokoMthethosisekelo omusha, kodwa ngokulandela okushiwo ephuzwaneni lesi (2).
2. Kuze kube mhla zi 30 Ephreli 1999, izigatshana esama 84, sama 89, sama 90, sama 91, sama 93, nesama 96 zoMthethosisekelo omusha kufanele zifundwe sengathi zibhalwe kusiJobelelo B sale Sheduli.
3. Iphuzwana loku (2), alimvimbeli uNgqongqoshe owayeyisigele ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza ekubeni aqhubeke njengoNgqongqoshe ophawulwe esigabeni sama 91(1)(a) soMthethosisekelo omusha, njengoba leso sigaba sisho kusiJobelelo B.

10. Izishayamthetho zezifundazwe
1. Noma ngubani owayeyilungu noma eyilungu loMkhandlu Ophethe wesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka nokuba yilungu noma umphathisikhundla wesishayamthetho saleso sifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha, futhi uba sesikhundleni njengelungu noma njengomphathisikhundla ngokoMthethosisekelo omusha kanye nanoma yimuphi umthethosisekelo wesifundazwe ongaba khona.
2. Isishayamthetho sesifundazwe njengoba sakhiwe ngokwephuzwana sesi (1), kufanele sithathwe ngokuthi sakhethwa ngaphansi koMthethosisekelo omusha sikhethelwa isikhathi esiphela mhla zi 30 Ephreli 1999.
3. Kuze kube ngukuphela kwesikhathi sesishayamthetho wesifundazwe mhla zi 30 Ephreli 1999, futhi kunakwe okushiwo esigabeni 108(4), isishayamthetho sesifundazwe sakhiwa yinani lamalungu elinqunyelwe leso sishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona kanye nenani lababeyizigele ababangamalungu esishayamthetho ngokwephuzu lesi 8 lale Sheduli.
4. Imitheshwana nemiyalo yesishayamthetho sesifundazwe ebisebenza ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza iyaqhubeka nokusebenza, kuye nganoma yikuphi ukuchibiyelwa noms ukuphelisiwa.

11.Ukhetho lwezishayamthetho zezifundazwe
1. Yize uphelisiwe uMthethosisekelo wangaphambili, iSheduli yesi 2 yalowo Mthethosisekelo, njengoba iguqulwe yisiJobelelo A saleyo Sheduli, iyasebenza –
a. okhethweni lokuqala lwesishayamthetho sesifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo omusha;
b. ekulahlekelweni ngubulungu besishayamthetho ezimweni ezingezona ezihlinzekelwe yisigaba se 106(3) soMthethosisekelo omusha; kanye
c. nasekugcwaliseni izikhala kusishayamthetho, kanye nokutha indawo, ukubheka kabusha, nokusetshenziswa kwezinhla zamaqembu ukuze kugcwaliswe izikhala, kuze kube yisikhathi sokhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
2. Isigaba se 106(4) soMthethosisekelo omusha siyalengiswa mayelana nesishayamthetho sesifundazwe kuze kube ukhetho lwesibili lwesishayamthetho ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

12. Abaphethe izifundazwe
1. Noma yimuphi umuntu owayenguNdunankulu noma ilungu loMkhandlu OPhethe wesifundazwe ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka futhi aphathe leso sikhundla ngokoMthethosisekelo omusha kanye nangokomthethosisekelo wesifundazwe ongabekwa, kodwa ngokuhambisana nephuzwana lesi (2).
2. Kuze kube uthathe isikhundla ngaphansi koMthethosisekelo omusha uNdunankulu okhethwe ngemuva kokhetho lokuqala lwesifundazwe, noma isifundazwe size sizishayele umthethosisekelo waso, lokho okwenzeka kuqala kunokunye, isigaba se 132 nese 136 zoMthethosisekelo omusha kufanele zithathwe njengoba zibekwe kusiJobelelo C sale Sheduli.

13. Imithethosisekelo yezifundazwe
Umthethosisekelo owamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza kufanele ulandele isigaba se 143 soMthethosisekelo omusha.

14. Ukunikezelwa kwemithetho ezifundazweni
1. Imithetho ephathelene nodaba oluphakathi kwemisebenzi eyenziwayo ebalwe ohlwini olukuSheduli yesi 4 noma yesi 5 yoMthethosisekelo omusha, ngesikhathu uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, yayiphethwe yisiphathimandla phakathi komkhandlu ophethe, inganikezelwa nguMongameli, ngokwenza isimemezelo, esiya kusiphathimandla esiphakathi kwabaphethe esifundazweni esiqokwe uMkhandlu Ophethe wesifundazwe.
2. Kuze kufike ekutheni kunesidingo sokuthi kunikezelwe umthetho ngaphansi kwephuzwana loku (1), uMongameli, ngokusebenzisa isimemezelo –
a. angachibiyela noma aphendule umthetho ukuze alawule ukuhunyushwa noma ukusebenza kwawo;
b. lapho ukunikezelwa komthetho kungasebenzi kuyo yonke ingxenye yanoma yimuphi umthetho, angawususa bese ewushaya kabusha, ube noma ungabi nokucuchibiyela noma ukuphendulwa okuphawulwe endimeni (a), lezo zimiso okusebenza kuzo ukunikezelwa noma kugcine lapho ukunikezelwa kusebenza khona kuzo; noma
c. angalawula noma yiluphi olunye udaba okunesidingo sokuthi lulawulwe ngenxa yaloku kunikezelwa, kumbandakanya ukwedluliselwa noma ukwebolekisa ngabasebenzi, noma ukwedluliselwa kwempahla, izikweletu, amalungelo kanye nezibopho, eziya noma ezivela kubaphathi bakazwelonke noma besifundazwe noma kunoma yimuphi umnyango kahulumeni, ukuphathwa, ezokuphepha noma iyiphi enye inhlangano.
3. a. Ikhophi yesimemezelo ngasinye esikhishwe ngokuku (1) noma kwesi (2), kufanele inikezwe isiGungu Sikazwelonke kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe kungakapheli izinsuku eziyi 10 kushicilelwe isimemezelo.
b. Uma kokubili isiGungu Sikazwelonke kanye noMkhandlu Ophethe ngesinqumo ingasivumeli isimemezelo noma yinoma yisiphi isimiso saso, leso simemezelo noma isimiso siphelelwa yisikhathi, kodwa ngaphandle kokuthikameza –
i. ukuba semthethweni kwanoma yini eyenziwe ngokwesimemezelo noma isimiso singakaphelelwa isikhathi; noma
ii. ilungelo noma isibonelelo esitholiwe noma isibopho noma isikweletu esivele ngaphambi kokuba isimiso siphelelwe isikhathi.
4. Uma umthetho unikezelwe ngokwephuzwana loku (1), noma yikuphi okushiwoyo emthethweni kusiphathimandla esiwuphethe, kufanele kuthathwe ngokuthi kubhekiswe kusiphathimandla esiwunikezelwe.
5. Noma yikuphi ukunikezelwa komthetho ngaphansi kwesigaba sama235(8) soMthethosisekelo wangaphambili, kumbandakanya noma iyiphi ukuchibiyelwa, ukuphendulwa noma ukupheliswa nokushaywa kabusha kwanoma yimuphi umthetho kanye nanoma yisiphi esinye isinyathelo esithathwe ngaphansi kwaleso sigaba, kuthathwa ngokuthi kwenziwe ngaphansi kwalesi sigaba.

15. Imithetho esekhona engaphandle kwamandla okushaya umthetho ePhalamende
1. Isiphathimandla phakathi kwabaphethe kuzwelonke esengamele noma yimuphi umthetho owela ngaphandle kwamandla ePhalamende okushaya imithetho ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, sihlala sinamandla okwengamela lowo mthetho uze unikezwe isiphathimandla esiphakathi kwabaphethe isifundazwe ngokwephuzu le 14 lale Sheduli.
2. Iphuzwana loku (1), liyeka ukusebenza ngemuva kweminyaka emibili uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.

16. Izinkantolo
1. Zonke izinkantolo, kumbandakanya nezinkantolo zabaholi bendabuko, ezazikhona ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, ziyaqhubeka nokusebenza nokusebenzisa amandla eziwanikwa yimithetho ezithintayo, futhi noma ngubani ophethe isikhundla njengowenza umsebenzi wezamajaji uyaqhubeka asiphethe leso sikhundla ngokomthetho osebenzayo kuleso sikhundla, kuye –
a. noma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukupheliswa kwalowo mthetho; kanye
b. nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
2. a. Inkantolo yoMthethosisekelo emiswe nguMthethosisekelo wangaphambili iba yiNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
b. ……

[Iphuzwana (b) licishwe yisigaba sama 20(a) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

3. a. INgxenye Yokwedlulisela Amacala yeNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika iba yiNkantolo Enkulu yokwedlulisela amacala ngaphansi koMthethosisekelo omusha.
b. ……

[Iphuzwana (b) licishwe yisigaba sama 20(a) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]

4. a. Ingxenye yesifundazwe noma yendawo yeNkantolo Enkulu yaseNingizimu Afrika noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yenkantolo enjenga lena, iba yiNkantolo Ephakeme ngaphansi koMthethosisekelo omusha kungazange kuguqulwe lutho mayelana namandla ayo, kube kunakekelwe ukudidiyelwa okucatshangwa ephuzwaneni lesi (6).
b. Noma yimuphi umuntu ophethe isikhundla noma othathwa njengosiphethe njengeJaji elinguMongameli, iPhini Lejaji Elingumongameli noma ijaji lenkantolo okukhulunywe ngalo endimeni (a), uma uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uba yiJaji elinguMongameli, iPhini Lejaji Elingumongameli noma yijaji lenkantolo efana nalena ngaphansi koMthethosisekelo omusha, kunakekelwe ukudidiyelwa okucatshangwa ephuzwaneni lesi (6).
5. Ngaphandle kwalapho kungahambisani nesimo noma ngokucacile kungafanele, uma umthetho noma okwenziwayo kukhuluma –
a. ngeNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosisekelo owandulela lona, kufanele kuthathwe njengothi kusho iNkantolo yoMthethosisekelo ngaphansi koMthethosiselo omusha;
b. ngeNgxenye Yokwedlulisela Amacala Yenkantolo Enkulu yaseNingizimu Afrika, kufanele ithathwe njengesho iNkantolo eNkulu Yokwedluliselwa Kwamacala; kanye
c. neNgxenye yesifundazwe noma yendawo yeNkantolo Enkulu yaseNingizimu Afrika noma inkantolo enkulu yesabelo noma ingxenye eyejwayelekile yaleyo nkantolo, kufanele ithathwe njengesho iNkantolo ePhakeme.
6. a. Ngokushesha okungase kwenzeke ngemuva kokuthi uMthethosisekelo omusha uqalile ukusebenza zonke izinkantolo, kumbandakanya isakhiwo sazo, ukwakheka kwazo, ukusebenza kanye namandla azo, kanye nayo yonke imithetho ethintekayo, kufanele ididiyelwe ngenhloso yokumisa uhlelo lwezinkantolo oluhambisana nezidingo zoMthethosisekelo omusha.
b. Ilungu leKhabhinethi elibhekene nokulawulwa kwezobulungiswa, ngemuva kokubonisana neKhomishani Yezemisebenzi Yezinkantolo, kufanele liphathe ukudidiyelwa okucatshangwa endimeni (a).
7. a. Noma ngubani osesikhundleni, lapho uMthetho Wokuchibiyelwa koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we 2001 uqala ukusebenza -
i. njengoMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, uba yiJaji Elikhulu njengoba kucatshangwa esigabeni se 167(1) soMthethosisekelo omusha;
ii. njengePhini Likamongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo, uba yiPhini Lejaji Elikhulu njengoba kucatshangwa esigabeni se 167(1) soMthethosisekelo omusha.
iii. njengeJaji Elikhulu, uba nguMongameli wenkantolo Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala njengoba kucatshangwa esigabeni se 168(1)soMthethosisekelo omusha; futhi
iv. njengePhini Lejaji Elikhulu, uba yiPhini Likamongameli Wenkantolo Enkulu Yokwedluliselwa Kwamacala njengoba kucatshangwa esigabeni se 168(1) soMthethosisekelo omusha.
b. Yonke imithetho nemitheshwana noma ukuyalela okwenziwe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo noma yiJaji Elikhulu esebenzayo ngaphambili nje kokuba uMthetho Wokuchibiyelwa koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we 2001, uqale ukusebenza, iyaqhubeka isebenze ize ipheliswe noma iguqulwe.
c.nNgaphandle kwalapho kungahambisani nesimo noma ngokucacile Kungafanele, ukubhekiswa okukunoma yimuphi umthetho noma okwenziwayo okukhuluma ngeJaji Elikhulu noma ngoMongameli Wenkantolo yoMthethosisekelo, kufanele kuthathwe njengokubhekisa eJajini Elikhulu njengoba kucatshangwa esigabeni se 167(1) soMthethosisekelo omusha.

[Iphuzwana lesi (7) lingezwe yisigaba sama 20(b) soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2001.]

17. Amacala asalindwe phambi kwezinkantolo
Onke amacala abesephambi kwenkantolo ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, kufanele edluliswe sengathi uMthethosisekelo omusha awuzange ube khona, ngaphandle kwalapho izidingo zobulungiswa zimisa ukuthi kungabi njalo.

18. Isiphathimandla sokushushisa
1. Isigaba se 108 soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza kuze kuqale ukusebenza uMthetho Wephalamende ocatshangwa yisigaba se 179 soMthethosisekelo omusha. Leli phuzwana alithikamezi ukuqokelwa esikhundleni koMqondisi Kazwelonke Wezokushushisa Komphakathi ngokwesigaba se 179.
2. Umshushisi omkhulu ophethe isikhundla ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osetshenziswa kuleso sikhundla, kunakwe iphuzwana loku (1).

19. Izifungo neziqinisekiso
Umuntu oqhubekayo esesikhundleni ngokwale Sheduli futhi othathe isifungo noma owenze isiqinisekiso uma ethatha isikhundla, ngaphansi koMthethosisekelo owendulela lona, akaphoqelekile ukuthi aphinde athathe isifungo sesikhundla noma isiqinisekiso ngaphansi koMthethosisekelo omusha.

20. Ezinye izikhungo zomthethosisekelo
1. Kulesi sigaba uma kuthiwa“izikhungo zomthethosisekelo” kushiwo –
a. uMvikeli Womphakathi;
b. iKhomishani Yamalungelo Esintu;

[Indima (b) ichibiyelwe yisigaba sesi 4 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]

c. IKhomishani Yokulingana Ngokobulili;
d. uMcubunguli-Mabhuku oMkhulu Wezimali Zombuso;
e. iBhange Elikhulu LaseNingizimu Afrika;
f. iKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso;
g. iKhomishani Yezokuphathwa Kwezobulungiswa; noma
h. iBhodi Yezilimi Zonke ZaseNingizimu Afrika.
2. Isikhungo soMthethosisekelo esimiswe ngokoMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho obhekene nalo, futhi noma ngubani osesikhundleni njengelungu lekhomishani, ilungu lebhodi yeBhange Elikhulu noma leBhodi Yezilimi Zonke ZaseNingizimu Afrika, uMvikeli Womphakathi noma uMcubunguli-Mabhuku Omkhulu Wezimali Zombuso ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, uyaqhubeka kuleso sikhundla ngokomthetho osebenza kuleso sikhundla, kunakwe –
a. noma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukuphelisiwa kwalowo mthetho; kanye
b. nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
3. Izigaba se 199(1), sama 200(1),(3) kanye no (5) kuya ku (11) kanye nesama 201 ukuya kwesama 206 zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenze zize zipheliswe nguMthetho Wephalamende owemukelwe ngokwesigaba se 75 soMthethosisekelo omusha.
4. Amalungu eKhomishani Yezokuphathwa Kwezobulungiswa ephawulwe esigabeni se 105(1)(h) soMthethosisekelo owendulela lona, ayayeka ukuba ngamalungu eKhomishani uma sekuqokelwe ezikhundleni amalungu aphawulwe esigabeni se 178(1)(i) soMthethosisekelo omusha.
5. a. UMkhandlu Wezezwe Elizimele LamaBhunu omiswe ngokoMthethosisekelo owandulela lona uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osebenza kuwo, futhi noma ngubani osesikhundleni njengelungu loMkhandlu ngesikhathi uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza uyaqhubeka ngokuba kuleso sikhundla ngokomthetho osebenza kuleso sikhundla, kunakwe –
i. noma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukupheliswa kwalowo mthetho; kanye
ii. nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
b. Isigaba se 184A nese 184B(1)(a),(b) no (d) zoMthethosisekelo owandulela lona ziyaqhubeka zisebenza zize zipheliswe nguMthetho Wephalamende owamukelwa ngokwesigaba sama 75 soMthethosisekelo omusha.

21. Ukushaywa komthetho odingwa nguMthethosisekelo omusha
1. Lapho uMthethosisekelo omusha udinga ukuthi kushaywe umthetho kazwelonke noma wesifundazwe, lowo mthetho kufanele ushaywe yisiphathimandla esifanele singakapheli isikhathi esamukelekile ngemuva kosuku uMthethosisekelo owaqala ukusebenza ngalo.
2. Isigaba se 198(b) soMthethosisekelo omusha asinakuphoqelelwa kuze kube sekushaywe umthetho ocatshangwayo kuleso sigaba.
3. Isigaba se 199(3)(a) soMthethosisekelo omusha asinakuphoqelelwa ngaphambi kokuthi kube sekuphele izinyanga ezintathu ngemuva kokushaywa komthetho ocatshangwayo kuleso sigaba.
4. UMthetho kazwelonke ocatshangwa esigabeni sama-217(3)soMthethosisekelo omusha kufanele ushaywe kungakapheli iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha owaqala ngalo ukusebenza, kodwa ukungabikho kwalo mthetho ngalesi sikhathi akuvimbeli ukuqala kusetshenziswe izinqubomgomo eziphawulwe esigabeni sama 217(2).
5. Kuze kube yilapho kumiswa uMthetho Wephalamende okuphawulwe ngawo esigabeni sama 65(2) somthethosisekelo omusha, isishayamthetho sesifundazwe ngasinye singanquma eyaso inqubo ngokulandela igunya eligunyazwe izithunywa zaso lokuba livote egameni loMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke.
6. Kuze kube yilapho kumiswa uMthetho ocatshangwa esigabeni sama 229(1)(b) soMthethosisekelo omusha, umasipala uzohlala enamandla okukhokhisa noma iyiphi intela, izimali ezikhokhelwa okuthile noma izimali ezikhokhela impahla evela kwamanye amazwe eyayigunyazwe ukuba ikhokhwe ngenkathi uMthethosisekelo uqala ukusebenza.

22. Ubumbano lwezwe nokubuyisana
1. Yize ezinye izimiso zoMthethosisekelo omusha futhi ngaphandle kokupheliswa koMthethosisekelo owandulela lona, zonke izimiso eziphathelene nokuxolelwa kwamacala eziqukethwe kuMthethosisekelo owandulela lona ngaphansi kwesihloko, “Ubumbano Lwesizwe Nokubuyisana” zithathwa ngokuthi ziyingxenye yoMthethosisekelo omusha ngezinhloso zoMthetho oGqugquzelela uBumbano Lwesizwe Nokubuyisana we-1995, (uMthetho wama 34 we 1995), njengoba uchibiyelwe, kumbandankanya nezinhloso zokusebenza kwawo.
2. Mayelana nezinhloso zephuzwana loku (1), umhla zi ‘6 Disemba 1993’, lapho uvela khona ezimisweni zoMthethosisekelo owandulela lona ngaphansi kwesihloko “Ubumbano Lwesizwe Nokubuyisana”, kufanele ufundwe njengomhla zi ‘11 Meyi 1994’.

[Iphuzwana lesi (2) lingezwe yisigaba sesi 3 soMthetho Wokuqala Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1997.]

23. UMqulu Wamalungelo
1. Umthetho kazwelonke ocatshangwa esigabeni sesi 9(4), sama 32(2), nesama 33(3) zoMthethosisekelo omusha kufanele zishaywe kungakapheli iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha owaqala ukusebenza ngalo.
2. Kuze kube lapho kushaywa umthetho ocatshangwa esigabeni sama 32(2) nesama 33(3) zoMthethosisekelo omusha –
a. isigaba sama 32(1) kufanele sithathwe ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo -

“(1) Wonke umuntu unelungelo lokuthola lonke ulwazi olusezandleni zombuso noma zanoma iyiphi ingxenye yawo kunoma yimuphi umkhakha kahulumeni, uma lolo lwazi ludingeka ukuze kusetshenziswe noma kuvikelwe noma yiliphi lamalungelo akhe”; futhi

b. isigaba sama 33(1) nesesi (2) kufanele zithathwe ngokuthi zifundeka ngendlela elandelayo -

“Wonke umuntu unelungelo –
(a) lokuthola izinyathelo ezisemthethweni kwabaphethe lapho noma yimaphi amalungelo abo noma izidingo zabo zithinteka noma zisengozini;
(b) lokuthola izinyathelo ezisemthethweni ezilungile lapho noma yimaphi amalungelo abo noma amathemba abo afanele ethinteka noma esengozini;
(c) lokunikezwa izizathu ezibhaliwe zezinyathelo ezisemthethweni ezithathwe ngabaphethe ezithinta noma yimaphi amalungelo noma izidingo ngaphandle kwalapho lezo zizathu zimenyezelwe; kanye
(d) nelokuthola izinyathelo kwabaphethe ezifanele uma kuqhathaniswa nezizathu ezinikiwe zazo lapho amalungelo akhe ethinteka noma esengozini.”.

3. Izigaba sama 32(2) nesama 33(3) zoMthethosisekelo omusha ziphelelwa isikhathi uma umthetho ocatshangwayo kulezo zigaba ngokulandelana kwazo, ungashaywa kungakapheli iminyaka emithathu kusukela ngosuku uMthethosisekelo omusha oqale ukusebenza ngalo.

24. Ukuphathwa kwemisebenzi yombuso nezikhungo zokuphepha
1. Izigaba sama 82(4)(b), sama 215, sama 218(1), sama 219(1), sama 224 ukuya kwesama 228, sama 236(1), (2), (3), (6), (7)(b) nesesi (8), sama 237(1) nesesi (2)(a) kanye nesama 239(4) nesesi (5) zoMthethosisekelo owandulela lona ziqhubeka ngokusebenza sengathi uMthethosisekelo owandulela lona awupheliswanga, kuye–
a. ngokuchibiyela kukulezo zigaba ezibekwe kusiJobelelo D;
b. nganoma yikuphi okunye ukuchibiyela noma ukupheliswa kwalezo zigaba nguMthetho Wephalamende owamukelwe ngokwesigaba sama 75 soMthethosisekelo omusha; futhi
c. ngokuhambisana noMthethosisekelo omusha.
2. IKhomishani Yezemisebenzi Yombuso kanye namakhomishani ezifundazwe emisebenzi yombuso aphawulwe kuSahluko se 13 soMthethosisekelo owandulela lona, aqhubeka nokusebenza ngokwaleso Sahluko kanye nomthetho osebenza kuwo sengathi iSahluko asipheliswanga, kuze kube kususwa iKhomishani namakhomishani ezifundazwe ngokoMthetho Wephalamende owamukelwe ngokwesigaba sama 75 soMthethosisekelo omusha.
3. Ukupheliswa koMthethosisekelo owandulela lona akuthikamezi noma yisiphi isimemezelo esikhishwe ngaphansi kwesigaba sama 237(3), soMthethosisekelo owandulela lona, futhi noma yiziphi izimemezelo ezifana nalezi ziyaqhubeka nokusebenza, kube kuye –
a. nganoma yikuphi ukuchibiyelwa noma ukupheliswa; kanye
b. nokuhambisana noMthethosisekelo omusha.

25. Izizathu ezinezezelwe zokungavunyelwa ukuba yilungu lesishayamthetho
1. Noma yimuphi umuntu, owayedonsa isigwebo sasejele eRiphabhuliki esingaphezulu kwezinyanga eziyi 12 ngaphandle kokunikezwa ithuba lenhlawulo yemali, lapho uMthethosisekelo omusha uqala ukusebenza, akavunyelwe ukuba yilungu lesiGungu kaZwelonke noma lesishayamthetho sesifundazwe.
2. Lokhu kungavunyelwa komuntu ngokwephuzu loku (1) –
a. kuyaphela uma isigwebo sibekwa eceleni ngemuva kokwedluliswa kwecala, noma isigwebo sehlisiwe, ngemuva kokwedluliswa kwecala saba yisigwebo esingamvimbeli lowo muntu; futhi
b. kuyaphela eminyakeni emihlanu ngemuva kokuqedwa kwesigwebo.

26. Uhulumeni wendawo
1. Yize kunezimiso zezigaba se-151, se 155, se 156, nese 157 zomthethosisekelo omusha –
a. izimiso zoMthetho Wesikhashana Kahulumeni Wasekhaya, we 1993 (uMthetho wama 209 we 1993), njengoba ungachitshiyelwa noma nini ngumthetho kazwelonke ohambisana noMthethosisekelo omusha, zizohlala zisebenza mayelana noMkhandlu Kamasipala kuze kube kumenyezelwe ukuthi sekukhethwe uMkhandlu Kamasipala othatha isikhundla salowo Mkhandlu ngenxa yomphumela wokhetho jikelele lokuqala lweMikhandlu Yomasipala ngemuva kokuqala koMthethosisekelo omusha; futhi

[Iphuzwana (a) indawo yalo ithathwe yisigaba sesi 5(a) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]

b. umholi wendabuko womphakathi olandela indlela yomthetho wendabuko nohlala emhlabeni osendaweni yomkhandlu wesikhashana wendawo, yomkhandlu wesikhashana wasemaphandleni noma yomele umkhandlu wesikhashana, ophawulwe eMthethweni Wesikhashana Kahulumeni Wasekhaya, we 1993, futhi okhonjwe esigabeni 182 soMthethosisekelo owandulela lona, unamandla ngokwesikhundla (ex officio) okuba yilungu lalowo mkhandlu kuze kube uMkhandlu Kamasipala othatha isikhundla salowo mkhandlu umenyezelwe ngenxa yomphumela wokhetho jikelele lokuqala lweMikhandlu Yomasipala ngemuva kokuqala koMthethosisekelo omusha.

[Iphuzwana (b) indawo yalo ithathwe yisigaba sesi 5(a) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]

2. Isigaba se 245(4) soMthethosisekelo owandulela lona siyaqhubeka nokusebenza kuze kuphele ukusebenza kwaleso sigaba. Isigaba se 16(5) nese (6) soMthetho Wesikhashana kaHulumeni Wasekhaya, we 1993, asinakususwa ngaphambi komhla zingama 30 Ephreli 2000.

[Iphuzwana lesi (2) lichibiyelwe yisigaba sesi 5(b) soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 1998.]

27. Ukugcinwa ngokuphepha kweMithetho Yephalamende neMithetho Yezifundazwe
Izigaba sama 82 nese 124 zoMthethosisekelo omusha azithikamezi ukugcinwa ngokuphepha kweMithetho Yephalamende noma kweMithetho yesifundazwe eyamukelwe ngaphambi kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza.

28. Ukubhaliswa kwempahla engagudluki yoMbuso
1. Ekuvezweni kwesitifiketi yisiphathimandla esifanele sokuthi impahla engagudluki yoMbuso inikezwe uhulumeni othile ngokwesigaba sama-239 soMthethosisekelo owandulela lona, unobhala wamafa kufanele akubhale lokho noma lezo zivumelwano encwadini efanele yokubhalisa, kumatayitela noma komunye umbhalo wokubhalisa leyo mpahla engagudluki egameni lalowo hulumeni.
2. Akunanhlawulo, imali ekhokhwayo noma ezinye izindleko ezikhokhwayo mayelana nokubhaliswa ngokwephuzwana loku (1).