UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika/Isheduli 3

From Wikisource
Jump to navigation Jump to search
UMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika  (1996) 
Isheduli 3: Inqubo Elandelwayo Ngokhetho

[Isheduli yesi 3 ichibiyelwe yisigaba sesi 2 soMthetho Wesine Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1999, kanye nayisigaba se 19 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001, nayisigaba sesi-3 soMthetho Wesishiyagalalunye Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2002 kanye nayisigaba soku 1 soMthetho Weshumi Nane Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2008.]

Ingxenye A: Inqubo yokhetho lwabaphathi bezikhundla abahlinzekelwe nguMthethosisekelo

1. Ukusetshenziswa
1. Inqubo ebekwe kule Sheduli isetshenziswa njalo uma –
a. isiGungu Sikazwelonke sihlangana ukuze sikhethe uMongameli, noma uSomlomo noma iPhini LikaSomlomo wesiGungu;
b. uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke uhlangana ukuze ukhethe uSihlalo noma iPhini LikaSihlalo wawo; noma
c. isishayamthetho sesifundazwe sihlangana ukuze sikhethe uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iPhini LikaSomlomo wesishayamthetho.

2. Ukuphakanyiswa Kwamagama
Umuntu ongusihlalo emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli kufanele acele ukuba kuphakanyiswe emhlanganweni abantu abazomela ukhetho.

3. Okudingekayo okungumthetho
1. Ukuphakanyiswa kwamagama kufanele kenziwe efomini elibekwe yimitheshwana ephawulwe kusi 9.
2. Ifomu okuphakanyiswa kulo amagama kufanele lisayinwe –
a. ngamalungu amabili esiGungu Sikazwelonke, uma kuzokhethwa uMongameli noma uSomlomo noma iPhini LikaSomlomo;
b. egameni lamathimba amabili ezifundazwe, uma kuzokhethwa uSihlalo noma iPhini LikaSihlalo loMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke; noma
c. ngamalungu amabili esishayamthetho sesifundazwe esifanele, uma kozokhethwa uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iPhini LikaSomlomo wesishayamthetho.
3. Umuntu ogama lakhe liphakanyisiwe kufanele akhombise ukusemukela isiphakamiso ngokuthi asayine ifomu lesiphakamiso noma asayine noma yiliphi elinye ifomu lokukhombisa ukwamukela isiphakamiso ngokuthi kubhalwe phansi lokho.

4. Ukumenyezelwa kwamagama abamele ukhetho
Emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli, umuntu owengamele umhlangano kufanele amemezele amagama alabo bantu abaphakanyiswe njengabamele ukhetho, kodwa akanakuyivumela noma iyiphi inkulumompikiswano.

5. Omele ukhetho eyedwa
Uma kuphakanyiswe umuntu oyedwa kuphela, umuntu owengamele umhlangano kufanele amemezele ukuthi lowo muntu ophakanyisiwe ukhethelwe esikhundleni.

6. Inqubo elandelwayo yokhetho
1. Uma kuphakanyiswe abantu abangaphezulu komuntu oyedwa -
a. kufanele kuvotwe emhlanganweni ngevoti langasese;
b. ilungu ngalinye elikhona, noma uma kungumhlangano woMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke, isifundazwe ngasinye esimelwe emhlanganweni, singafaka ivoti elilodwa; futhi
c. umuntu owengamele kufanele amemezele ukuthi bakhethiwe labo abathole iningi lamavoti.

7. Inqubo elandelwayo yokuchitha abanye
1. Uma kungekho othola iningi lamavoti, lowo othole amavoti amancane kunabo bonke kufanele achithwe okhethweni, bese kuphindwa kuvotelwa labo abasele njengoba kushiwo ephuzwini lesi 6. Le nqubo kufanele iphindwe kuze kube nothola iningi lamavoti.
2. Uma kusetshenziswa iphuzwana loku (1), uma abamele ukukhethwa ababili noma abangaphezulu benamavoti alinganayo amancane kunawabo bonke, kufanele kuvotwe ngokwehlukana kuvotelwa labo bantu, futhi kuphindwe njengoba kudingeka ukuze kucace ukuthi kuchithwa muphi omele ukukhethwa.

8. Eminye imihlangano
1. Uma kuphakanyiswe abantu ababili kuphela, noma uma kusele ababili kuphela ngemuva kokusetshenziswa kwenqubo yokuchitha, bese labo ababili bethola amavoti inani lamavoti elifanayo, kufanele kubanjwe omunye umhlangano kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa, ngesikhathi esinqunywe ngumuntu owengamele.
2. Uma kubanjwa omunye umhlangano njengokusho kwephuzwana loku (1), inqubo elandelwayo ebekwe kule Sheduli kufanele isetshenziswe kulowo mhlangano sengathi kusengumhlangano wokuqala wokhetho oludingidwayo.

9. Imitheshwana
1. UMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo kufanele enze imitheshwana ebeka –
a. inqubo elandelwayo emihlanganweni okusebenza kuyo leSheduli;
b. imisebenzi yomuntu owengamele kulowo mhlangano, neyanoma yimuphi umuntu omsizayo;
c. ifomu okufanele kufakwe iziphakamiso kulo; kanye
d. nendlela okufanele kuvotwe ngayo.
2. Le mitheshwana kufanele yaziswe ngendlela enqunywe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo abona ngayo.

Ingxenye B: Indlela yokunquma ukuthi amaqembu alibamba kanjani iqhaza kuzithunywa zemiKhandlu Yezifundazwe Kazwelonke
1. Inani lezithunywa lezithunywa eziya kuMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke iqembu ngalinye elinelungelo lokulithola, kufanele liqunywe ngokuthi kuphindaphindwe ngeshumi inani lezihlalo iqembu elinazo kusishayamthetho sesifundazwe bese umphumela wehlukaniswa ngenani lezihlalo kusishayamthetho uhlanganiswe nesihlalo esisodwa.
2. Uma isibalo esenziwe ngokwephuzu loku 1, sinika insalela engangeni kuzithunywa ezinikezwa iqembu elithile njengokusho kwalokho, insalela kufanele iqhathwe nezinsalela ezitholwa ngelinye iqembu noma amanye amaqembu, futhi noma yiziphi izithunywa ezingekabiwa ethimbeni lezithunywa kufanele zabelwe iqembu lelo noma amaqembu lawo ngokulandelana kwensalela ephezulu kunazo zonke.
3. Uma izinsalela ezincintisanayo ezicatshangwa ephuzwini lesi-2 zilingana, izithunywa ezingabiwe kufanele zabelwe iqembu noma amaqembu anensalela efanayo, ngokulandelana kusuka kwanenani lamavoti amaningi kye kwamancane arekhodwe kulawo maqemb ngesikhathi sokugcina sokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe esithintekayo.

[Iphuzu lesi 3 lengezwe yisigaba sesi 2 soMthetho Wesine Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1999 futhi indawo yalo yaphinde yathathwa yisigaba lesi 3 soMthetho Wesishiyagalolunye Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2002 kanye naysigaba lesi 5(a) soMthetho Weshumi Nane Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2008.]

4. Uma amaqembu angaphezu kwelilodwa anezinsalela ezifanayo ethole amavoti alinganayo ngesikhathi sokhetho lokugcina lwesishayamthetho sesifundazwe esifanele, isishayamthetho esifanele kufanele sabe izithunywa ezingabiwanga kuzithunywa zeqembu noma amaqembu anezinsalela ezifanayo ngendlela ehambisana nentando yeningi.

[Iphuzu 4 lengezwe yisigaba sesi 5(b) soMthetho Weshumi Nane Wokuchibiyela uMthethosisekelo we2008.]